1 KaPhethro 4
Ekuhluphekeni Amakholwa Mawabekezele, Akhuleke, Abonge UNkulunkulu
1Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona, 2ukuze ngalesi sikhathi esisasele nisesemzimbeni ningabe nisaphila ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu. 3Ngokuba isikhathi esedlule sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe, ukuphila ngamanyala edlulele, ngezinkanuko, ngokudakwa, ngokuminza, ngokuxokozela nangokukhonza izithombe okuyichilo. 4Bayamangala ukuthi anisahambisani nabo kulawo manyala edlulele, behlambalaza. 5Kepha bayakuziphendulela kulowo olungele ukwehlulela abaphilayo nabafileyo. 6Ngenxa yalokho-ke, ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuba bahlulelwe ngokwabantu emzimbeni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.
7Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke. 8Kunalokho yibani nokuthandana okungapheliyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono. 9Yamukelanani yilowo nalowo, ningabi nakukhononda. 10Yilowo nalowo ngokwesipho asemukelisiwe, makakhonze abanye njengezinceku ezinhle zomusa kaNkulunkulu owehlukahlukene. 11Uma umuntu ekhuluma, makakhulume ngokwamazwi avela kuNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze njengokwamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Khristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ukuhlupheka KomKhristu
12Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo. 13Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe. 14Uma nithukwa ngenxa yegama likaKhristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhleli phezu kwenu. 15Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye. 16Kepha uma ehlupheka ngokuba engumKhristu, makangabi namahloni, kodwa makadumise uNkulunkulu, ngenxa yalelo gama. 17Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na? 18“Uma kunzima ukusindiswa kolungileyo, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?”
19Ngakho labo abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu, mabanikele imiphefumulo yabo kuMdali owethembekileyo, baqhubeke benze okuhle.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.