1 KwabaseThesalonikha 1
Isibingelelo
1UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Khristu: makube kini umusa nokuthula.
UPawula Ubabonga Ngokuqala Kahle Evangelini
2Simbonga njalo uNkulunkulu ngani nonke, sinikhulekela singaphezi emikhulekweni yethu, 3sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu. 4Siyazi ukukhethwa kwenu nguNkulunkulu, bazalwane abathandiweyo, 5ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu. 6Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele, 7ngangoba naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo abaseMakhedoniya nase-Akhaya. 8Ngokuba izwi leNkosi lizwakele livela kini, hhayi nje kuphela eMakhedoniya nase-Akhaya, kodwa ezindaweni zonke lapho bezwe khona ngokukholwa kwenu kuNkulunkulu, ngakho-ke akusadingeki ukuba sikhulume ngakho. 9Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso; 10nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.