U-Amaziya Uyinkosi KwaJuda
1Ngonyaka wesibili wokubusa kukaJowashi, indodana kaJehowahazi, kwa-Israyeli, u-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 2Wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa iminyaka engama-29 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJehoyadini waseJerusalema. 3Wenza okuhle emehlweni kaSimakade, nokho akazange afane nokhokho wakhe uDavide. Kukho konke ukwenza kwakhe, wenza njengalokho kwenza uyise uJowashi. 4Akazibhidlizanga izindawo eziphakemeyo abantu ababenikela benze imihlatshelo kuzo.
5Kwathi lapho umbuso usuzinzile esandleni sakhe, wabulala izinceku ezazibulale uyise, inkosi. 6Kepha akawabulalanga amadodana ababulali, njengalokhu kulotshiwe encwadini yomthetho kaMose; ngokomyalo kaSimakade, othi: “Abazali abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yabazali, kodwa yilowo nalowo uyobulawelwa izono zakhe.”
7Wabulala izi-10 000 zabakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti, wadla iSela; wayeseliqamba kabusha ethi yiJokitheyeli, okuyigama lalo kuze kube namuhla.
8U-Amaziya wathumela izithunywa kuJehowashi, indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibukane mahlanze.”
9UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, yathumela ku-Amaziya, inkosi yakwaJuda, ithi: “Isihlahla somkhaya eLebhanoni sathumela kwesomsedari naso esiseLebhanoni, sathi kuso: ‘Ganisela indodana yami, indodakazi yakho, ibe ngumkayo.’
“Kwase kwedlula isilwane sasendle eLebhanoni, sasifihliza isihlahla somkhaya. 10Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”
11Kepha u-Amaziya akalalelanga. UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka, base betholana phezulu no-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eBhethi Shemeshi lakwaJuda. 12UJuda wanqotshwa ngu-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe. 13UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, yambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi ka-Ahaziya, eBhethi Shemeshi. UJehowashi weza eJerusalema, wabhidliza ugange lwakhona kusukela esangweni kwa-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi; kwaba yisikhala esingamakhubhithi angama-400. 14Waphanga lonke igolide, isiliva, nazo zonke izitsha azithola endlini kaSimakade nasengcebeni yesigodlo senkosi kanye nababeyisibambiso, wayesebuyela eSamariya.
15Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, amandla akhe, impi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 16UJehowashi walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ukukhothama Kuka-Amaziya
17U-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, waphila iminyaka eli-15 emva kokukhothama kukaJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli. 18Ezinye izindaba zika-Amaziya azilotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
19Abantu bamakhela uzungu eJerusalema, wayesebalekela eLakhishi, kodwa bathumela eLakhishi emva kwakhe, bambulalela khona. 20Bamthwala ngamahhashi, wembelwa kokhokho bakhe, eJerusalema emzini kaDavide.
21Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eli-16, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise, u-Amaziya. 22Wakha kabusha i-Elathi, wayeselibuyisela kuJuda emva kokuba inkosi isingcwatshwe kokhokho bayo.
UJerobhowamu Uyinkosi Kwa-Israyeli ESamariya
23Ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobhowamu, indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya; wabusa iminyaka engama-41. 24Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akazange asuke nakwesisodwa sezono zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli. 25Wabuyisela umngcele wakwa-Israyeli kusuka eLibho Hamathi kuze kube solwandle i-Araba, njengokusho kwezwi likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli alikhuluma ngomlomo wenceku yakhe, uJona, indodana ka-Amithayi, umphrofethi waseGathi Heferi.
26USimakade wakubona ukuhlupheka kuka-Israyeli, kwamunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla; kwakungekho ongamsiza u-Israyeli. 27USimakade wayengashongo yini ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kodwa wabasindisa ngesandla sikaJerobhowamu, indodana kaJowashi na?
28Ezinye izindaba zikaJerobhowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamathi elalingelakwaJuda, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 29UJerobhowamu walaliswa kokhokho bakhe, amakhosi abakwa-Israyeli; uZakhariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.