Isibingelelo
1USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu: 2sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.
Amakholwa Mawakhuthalele Umsebenzi Wokukholwa
3Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, 4aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni. 5Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, 6nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu, 7ebunkulunkulwini ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. 8Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu. 9Ngokuba ongenazo lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, esikhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zayo zakudala.
10Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye. 11Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.
Ukuqiniseka Kwezwi Labaphostoli Nelabaphrofethi
12Ngakho-ke ngihlose ukuba nginikhumbuze njalo ngalezo zinto, nakuba nivele nizazi, futhi nimile naqina eqinisweni elikhona. 13Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza, 14nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala. 15Kepha ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuba nisale nizikhumbula njalo lezo zinto noma ngingasekho mina.
16Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe. 17Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni emangalisayo, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”
18Impela, leli lizwi salizwa livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele.
19Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu. 20Yazini lokhu kuqala, ukuthi asikho isiphrofetho sombhalo esingacaciswa ngumuntu ngokwakhe ukuqonda. 21Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.