UPhethro Uxwayisa Ngabafundisi Bamanga
1Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo. 2Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa, 3futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.
4Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni, 5engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu. 6Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu. 7Kepha wamhlenga uLothi owayelungile, owayekhathazwe ngamanyala axakile ayenziwa ngabangenamthetho. 8Ngokuba leyo ndoda elungileyo, eyayihlala phakathi kwabangalungile, nsuku zonke yadatshukiswa ukuzwa nokubona izenzo zabo ezimbi zokungamesabi uNkulunkulu. 9Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa, 10ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo, 11nakuba izingelosi zibedlula ngobuqhawe nangamandla, kodwa azibahlebi ngokuletha izehlulelo ezimelene nabo eNkosini. 12Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo. 13Bayakwemukeliswa isijezo esifanele ukwenza kwabo okubi. Bacabanga ukuthi ukutamasa nokuminza imini yonke kungukujabula, kepha bayizisihla nehlazo bezitika ekuzikhohliseni kwabo, okunenza nibe namahloni uma bedla nani. 14Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo. 15Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile. 16Kepha wasolwa ngesiphambeko sakhe. Imbongolo engakhulumi yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqanda isenzo sokuhlanya somphrofethi.
17Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama. 18Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo. 19Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho. 20Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo. 21Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe. 22Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”