UDavide Ubusa UJuda No-Israyeli
1 Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho. 2Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”
3Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.
4UDavide waqala ukubusa eseneminyaka engama-39; wabusa iminyaka engama-40. 5Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema.
6Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.”
Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.”
7UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.
8UDavide wathi ngalolo lusuku: “Noma ngubani obulala amaJebusi, makasuke emseleni wamanzi ahlasele izinyonga nezimpumputhe, labo abazonda uDavide, naye futhi abazondayo. Ngalokho kuyothiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga aziyukungena endlini.’ ”
9UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi. 10UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.
11UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo. 12UDavide wakuqonda ukuthi uSimakade wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uwuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe, u-Israyeli.
13UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi. 14Nanka amagama alabo abazalelwa eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni, 15uJibhari, u-Elishuwa, uNefegi, uJathiya, 16u-Elishama, u-Eliyada no-Elifelethi.
UDavide Ubhubhisa AmaFilisti
17AmaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshiwe waba yinkosi kwa-Israyeli, enyuka wonke ayomfuna. UDavide wezwa ngalokho, wayesehlela enqabeni. 18AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa. 19UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngenyuke yini ngihlasele amaFilisti na? Uzowanikela yini esandleni sami?”
USimakade wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngizowanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”
20UDavide wawahlasela eBhali Pherazimi, wawanqoba khona lapho amaFilisti. UDavide wayesethi: “USimakade uzithelekele izitha zami ngibuka, njengokufohla kwamanzi.”
Ngakho-ke wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhali Pherazimi. 21AmaFilisti ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bazithatha, bahamba nazo.
22AmaFilisti abuye enyuka futhi, afika aviva esigodini samaRefa. 23UDavide wabuza kuSimakade, Yena wathi: “Ungenyuki, gega ngemuva kwawo, uwathelekele maqondana nezihlahla zebhalisamu. 24Uyakuthi lapho uzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zezihlahla zebhalisamu, uphangise, ngokuba uSimakade uyobe ephumile, engaphambi kwakho, ukubhubhisa impi yamaFilisti.”
25UDavide wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile, wawabhubhisa amaFilisti kusukela eGebha kuze kuyofika eGezeri.