UPawula Uziphendulela Phambi KukaFestu No-Agripha
1U-Agripha wayesethi kuPawula: “Uvumelekile ukuba uzikhulumele.”
UPawula wayesephakamisa isandla sakhe, waziphendulela wathi: 2“Maqondana nakho konke engimangalelwe ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, 3ikakhulu lokhu uyingcweti yawo wonke amasiko nokuphikisana kwabaJuda. Ngakho-ke ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngesineke.
4“Bonke abaJuda bayayazi inkambo yami kusukela ekuqaleni, ebusheni bami phakathi kwabakithi naseJerusalema. 5Bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. 6Manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kokhokho, 7isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda. 8Kungani kuyinsumansumane kini ukuthi uNkulunkulu uyabavusa abafileyo na?
9“Kepha mina ngokwami ngazimisela ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha. 10Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami. 11Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”
UPawula Ulanda Ngokuphenduka Kwakhe
12“Kwathi ngiya eDamaseku ngegunya nangemvume yabaphristi abakhulu, 13emini bebade, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, okwedlula ngisho ukukhazimula kwelanga, kwangikhanyisa nxazonke kanye nababehamba nami. 14Kwathi sonke sesiwe phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi ngolimi lwesiHebheru: ‘Sawula, Sawula, ungihluphelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’
15“Kepha ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omhluphayo. 16Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho. 17Ngizakukusindisa esizweni sakini nakwabezizwe engikuthumela kubo, 18ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”
UPawula Ulanda Ngomsebenzi Wakhe
19“Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini, 20kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka. 21Ngenxa yalokho, abaJuda bangibamba ethempelini, bazama ukungibulala. 22Kepha ngathola usizo kuNkulunkulu, yingakho ngimi lapha namuhla ngifakaza kwabancane nabadala. Angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi noMose ukuthi kuzokwenzeka, 23ukuthi uKhristu uzakuhlupheka nokuthi uzakuba ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, ozomemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.”
UFestu No-Agripha Baphendulana NoPawula
24Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”
25Kepha uPawula wathi: “Festu odumileyo, angihlanyi, kodwa ngikhuluma iqiniso elimsulwa namazwi anomqondo. 26Ngokuba iNkosi engikhuluma kuyo ngokukhululeka iyakwazi lokho, angikholwa ngukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekileyo kuyo, lokhu akwenziwanga ekusithekeni. 27Nkosi, Agripha, uyakholwa yini ngabaphrofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.”
28U-Agripha wathi kuPawula: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKhristu.”
29UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”
30Inkosi yayisisukuma nombusi noBhernike nababehlezi nabo; 31kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzanga lutho olufanele ukuba afe noma ukuboshwa.”
32Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe simkhululile ukuba icala akaledluliselanga kuKhesari.”