Abakwa-Mowabi
1Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaMowabi,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba bashisa amathambo
enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.
2Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaMowabi,
uyakungqongqisa izinqaba eKeriyothi.
AbakwaMowabi bafele emsindweni,
kube ubumayemaye,
kukhale icilongo.
3Ngiyakuqeda nya ngomehluleli wakhona,
ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,”
kusho uSimakade.
AbakwaJuda
4Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaJuda,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade,
bangazigcina izimiso zakhe,
amanga abo abadukisa,
abawalandela nokhokho babo.
5Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaJuda,
uyakungqongqisa izinqaba eJerusalema.”
Abakwa-Israyeli
6Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva,
nompofu ngezimbadada ezimbili.
7Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi,
bachezukisa abathobekileyo endleleni;
indodana noyise baya entombini,
kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.
8Balala eceleni kwawo wonke ama-althare
ngezingubo ezithathwe zaba yisibambiso.
Baphuza iwayini labahlawulisiwe
endlini kaNkulunkulu wabo.
9“Kodwa Mina ngawabhubhisa
ama-Amori phambi kwabo,
ayemade njengemisedari,
eqine njengemi-okhi,
ngaqeda nya ngesithelo sawo
kusukela phezulu
nangezimpande zawo phansi.
10“Mina nganikhipha eGibhithe,
nganihola ehlane iminyaka engamashumi amane
ukuba nidle izwe lama-Amori.
11Ngavusa amanye amadodana enu
aba ngabaphrofethi,
nezinye izinsizwa zenu
zaba ngamaNaziri.
Akunjalo yini bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade.
12“Kodwa naphuzisa amaNaziri iwayini,
nenqabela abaphrofethi, nithi:
‘Ningaphrofethi.’
13Niyabona-ke, sengizonicindezela lapho phansi
njengenqola inyinyitheka okusanhlamvu.
14Onejubane ngeke aphunyuke;
onamandla akayukuzihlenga ngamandla akhe,
neqhawe aliyukuyisindisa impilo yalo.
15Obambe umnsalo eciba akayukuma;
ogijima ngezinyawo zakhe akayukusinda,
nogibele ihhashi akayukuyisindisa impilo yake.
16Onesibindi kumaqhawe uyakubaleka enqunu
ngalolo lusuku,” kusho uSimakade.