Isibingelelo
1UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, 2kubo abangcwele baseKholose, nabazalwane abakholekileyo kuKhristu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
UPawula Ubonga Ukukholwa Nothando LwabaseKholose
3Simbonga njalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uma sinikhulekela, 4ngokuba sizwile ngokukholwa kwenu kuKhristu uJesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele, 5ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli, 6elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso, 7njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu; 8okunguyena futhi owasitshela ngothando lwenu ngoMoya.
UPawula Ubakhulekela KuJesu
9Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, 10ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, 11niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula, 12nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni, 13owasikhulula emandleni obumnyama, wasingenisa embusweni weNdodana yothando lwakhe; 14okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.
Ubunjalo BeNdodana KaNkulunkulu Nomsebenzi Wayo
15Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo, 16ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona. 17Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo. 18Yona iyinhloko yomzimba, ibandla; iyisiqalo, izibulo kwabafileyo, ukuze Yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke. 19Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo, 20nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.
21Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi, 22nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe, 23uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.
UPawula Uthokozela Ukubasebenzela Nokubalwela
24Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla, 25engenziwe isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu owanginika sona maqondana nani, ukuze ligcwaliseke izwi likaNkulunkulu, 26ngisho imfihlakalo ebifihlakele kusukela emandulo nasezizukulwaneni, kodwa manje yambuliwe kwabangcwele bakhe, 27okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo. 28OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu, 29engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.