Ukuvakasha KukaJethro
1UJethro, umphristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu ayekwenzele uMose nabantu bakhe bakwa-Israyeli, ukuthi uSimakade wayemkhiphe kanjani u-Israyeli eGibhithe. 2UJethro, umukhwe kaMose, wathatha uZiphora umkaMose owayekade uMose emphindisele emuva, 3namadodana akhe amabili, igama lenye kwakunguGereshomu, ngokuba wayethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe,” 4igama lenye kungu-Eliyezeri, ngokuba ethi: “UNkulunkulu kababa ulusizo lwami, ungikhululile enkembeni kaFaro.”
5UJethro, umukhwe kaMose, wafika ehlane lapho uMose ayekanise khona entabeni kaNkulunkulu, nomkaMose namadodana akhe. 6Wathi kuMose: “Mina Jethro, umukhwe wakho, ngiyeza kuwe, nomkakho, namadodana akho omabili.”
7UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni. 8UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uSimakade ayekwenze kuFaro nakwabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nobunzima bonke ababehlangabezane nabo endleleni, nokuthi uSimakade wabakhulula kanjani. 9UJethro wathokoza ngakho konke okuhle uSimakade ayekwenzele u-Israyeli, ebakhulula esandleni sabaseGibhithe.
10UJethro wathi: “Makabongwe uSimakade, onikhululile kwabaseGibhithe nasesandleni sikaFaro. 11Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”
12UJethro umukhwe kaMose, waletha umnikelo wokushiswa nemihlatshelo kuNkulunkulu; u-Aroni nawo wonke amalunga akwa-Israyeli beza bazokudla nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu.
Ukuqokwa Kwabehluleli
13Ngakusasa uMose wahlalela ukwehlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. 14Umukhwe kaMose wakubona konke lokhu ayekwenzela abantu, wathi kuye: “Kuyini lokhu obenzela khona abantu na? Kungani uhlale wedwa, uzungezwe ngabantu kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”
15UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuzobuza okushiwo nguNkulunkulu. 16Uma kunodaba phakathi kwabo, beza kimi ukuba ngahlulele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, bese ngibatshela imithetho nezimiso zikaNkulunkulu.”
17Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. 18Uzozikhandla uzikhathaze wena nalaba bantu onabo, ngokuba lo msebenzi mkhulu kakhulu kunawe, awunakukwazi ukuwenza uwedwa. 19Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu; 20bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze. 21Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi. 22Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe. 23Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.”
24UMose wamlalela umukhwe wakhe, wakwenza konke ayekushilo. 25UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi. 26Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo. 27UMose wavalelisana nomukhwe wakhe, uJethro wahamba wabuyela ezweni lakubo.