Ibhodwe Elibilayo
1Izwi likaSimakade lafika kimi ngonyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi enyangeni, lathi: 2“Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolu lusuku; inkosi yaseBhabhele seyilivimbezele iJerusalema ngalolu lusuku. 3Khuluma ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘ “Beka ibhodwe emlilweni,
libeke, uthele amanzi kulo.
4Faka kulo isitho senyama,
isitho senyama enhle;
umlenze nomkhono.
Ligcwalise ngamathambo ekhethelo.
5Thatha okukhethekileyo emhlanjini,
ukhwezele izikhuni phansi kwalo,
uligxabhise impela,
kuphekwe namathambo kulo.”
6“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘ “Maye, kumuzi ochitha igazi,
ibhodwe elinokugqwala,
nokugqwala kwalo okungasukanga kulo!
Khipha kulo isitho nesitho,
nakuba ungadliwanga wunkatho.
7“ ‘ “Ngokuba igazi elilichithile likuwo;
lilichithele edwaleni elingenalutho;
alilichithelanga emhlabathini ukuba limbozwe wuthuli.
8Igazi lawo ngalichithela edwaleni elingenalutho,
ukuba lingambozwa yilutho,
ukuze kuvuswe ulaka lwami,
ngiziphindiselele.
9“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘ “ ‘Maye, kumuzi ochitha igazi!
Nami futhi ngiyakuzifaka kakhulu izinkuni.
10Nqwabela izinkuni, ukhwezele umlilo,
uqothule inyama, kushe umhluzi,
ashiswe angqongqe namathambo.
11Bese ulibeka emalahleni awo lingenalutho,
ukuze lishise, kushe ithusi lalo,
kuncibilikiswe kulo ukungcola kwalo,
kuqedwe ukugqwala okukulo.
12Lizikhathazele ize,
nokho ukugqwala kwalo okuningi
akuphelanga kulo;
ukugqwala kwalo makube semlilweni.’ ”
13“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.
14“ ‘Mina Simakade ngikukhulumile lokho; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyukukuyeka, angiyukuhawukela, angiyukuzisola. Uyakwehlulelwa njengokuziphatha kwakho nangezenzo zakho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.
15Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 16“Ndodana yomuntu, ngiyakususa kuwe okunxanelekayo emehlweni akho ngokuphazima kweso, kepha ungakhali, ungakhihli sililo, futhi kungaphumi zinyembezi kuwe. 17Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”
18Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kwathi kusihlwa umkami wafa; ngakusasa ekuseni ngenza njengalokhu ngiyaliwe.
19Abantu bangibuza, bathi: “Kusho ukuthini kithi lokhu okwenzayo na?”
20Ngathi kubo: “Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 21‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba. 22Niyakwenza njengoba ngenzile: aniyukuwamboza amadevu enu, ningakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo. 23Imishuqulu yenu iyakuba semakhanda enu, nezimbadada zenu ezinyaweni zenu; ningakhali, ningasikhihli isililo, kodwa-ke niyokonda ngenxa yeziphambeko zenu, nibubulelane omunye komunye. 24UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakukwenza konke akwenzayo. Kuyakuthi lapho sekwenzekile lokhu, bese niyazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.” ’
25“Wena ndodana yomuntu, angithi ngalolo lusuku engiyosusa ngalo inqaba yabo, intokozo yobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, okulangazelelwa ngumphefumulo wabo, amadodana abo namadodakazi abo, 26angithi ngalolo lusuku ophunyukileyo uyakuza kuwe, akubikele ngalezo zindaba na? 27Ngalolo lusuku umlomo wakho uyakuvulwa; wena uyakukhuluma nophunyukileyo, ungabe usaba yisimungulu. Uyakuba yisibonakaliso kubo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”