U-Israyeli NoJuda Bafuna Ukubuyela KuSimakade
1“Wozani, masibuyele kuSimakade,
ngokuba Yena usidwengulile;
uyakusiphulukisa;
Yena usishayile,
uyakubopha inxeba lethu.
2Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili,
asivuse ngosuku lwesithathu,
siphile ebukhoneni bakhe.
3Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade;
ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa,
uyakufika kithi njengemvula,
njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.
4“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na?
Ngiyakwenzani ngawe Juda na?
Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni,
nanjengamazolo asekuseni eshabalala.
5Ngakho-ke ngibaqobaqoba babe zicubu ngabaphrofethi,
ngibabulale ngamazwi omlomo wami,
ukwehlulela kwami kuphume njengokukhanya.
6Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka,
hhayi umhlatshelo,
nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.
7Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu;
bangathembeka kimi ngalokho.
8IGileyadi lingumuzi wabenza inkohlakalo,
limabhadubhadu yigazi.
9Njengeqembu labaphangi lilalele umuntu unyendle,
kanjalo neqembu labaphristi
liyabulala endleleni eya eShekhemu,
impela benza inkohlakalo.
10Ngibone into ehlasimulisayo
endlini yakwa-Israyeli:
kukhona ubufebe kwa-Efrayimi,
u-Israyeli uzingcolisile.
11“Nawe Juda, ulungiselwe ukuvunwa,
lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.”