Abazalwane Mabangakhethi Muntu
1Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu. 2Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu ofake indandatho yegolide emnweni wakhe, egqoke nezingubo zakwanokusho, bese kungena nompofu ogqoke izingubo ezimbi, 3niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.”
4Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na?
5Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na? 6Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na? 7Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na?
8Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle. 9Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, umthetho univeza obala njengezephulamthetho. 10Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke. 11Ngokuba lowo owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi, kodwa ubulala, uyisephulamthetho.
12Ngakho khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengokufanele abayakwehlulelwa ngomthetho wenkululeko. 13Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.
Ukukholwa Nemisebenzi
14Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? 15Uma umzalwane noma umzalwanekazi ehlubule, eswele ukudla imihla ngemihla, 16bese omunye wenu ethi kuye: “Hamba ngokuthula, uthokomale; usuthe,” kodwa engamuphi lokho okudingwa ngumzimba, kusiza ngani lokho na? 17Kanjalo-ke uma ukukholwa kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
18Kepha omunye uyakuthi: “Unokukholwa, mina nginemisebenzi;” ngikhombise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizakukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. 19Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele.
20Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na? 21U-Abhrahama, ukhokho wethu, akalungisiswanga yini ngemisebenzi lapho enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-althare na? 22Uyabona ukuthi ukukholwa kwakusebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi. 23Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.”
Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu. 24Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, hhayi ngokukholwa kuphela.
25Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na? 26Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.