ILevithikhusi 1
Umthetho Weminikelo Yokushiswa
1USimakade wabiza uMose wakhuluma naye esethendeni lokuhlangana, wathi: 2“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.
3“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade. 4Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana. 5Iduna liyohlatshwa phambi kukaSimakade; amadodana ka-Aroni angabaphristi alethe igazi, alifafaze nxazonke ze-althare elingasekungeneni kwethende lokuhlangana. 6Umnikelo wokushiswa uyohlinzwa, kukhishwe izitho zawo. 7Bayowunika amadodana ka-Aroni, umphristi abeke amalahle avuthayo e-althare, bese ehlela izinkuni phezu kwawo. 8Amadodana ka-Aroni angabaphristi ayohlela izitho: inhloko, namanoni phezu kwezinkuni ezisemlilweni e-althare, 9ezangaphakathi namanqina ayokugeza ngamanzi, umphristi bese ekushisa konke kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
10“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici. 11Uyolihlabela ngasohlangothini olusenyakatho lwe-althare phambi kukaSimakade, kuthi amadodana ka-Aroni angabaphristi afafaze igazi lalo nxazonke ze-althare. 12Liyakukhishwa izitho, inhloko namanoni alo, umphristi akuhlele phezu kwezinkuni eziphezu kwe-althare, 13kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.
14“ ‘Uma umnikelo wakhe kuSimakade kungowezinyoni, uyakukhetha umnikelo wakhe phakathi kwamahobhe noma amaphuphu amajuba. 15Umphristi uyakuwuletha e-althare, awushumpule inhloko, awushise kube nentuthu e-althare, akhamele igazi lawo ezinhlangothini ze-althare. 16Uyosusa ingingila nokuphakathi kuyo nezimpaphe zawo akuphonse ngasempumalanga ye-althare, endaweni yomlotha. 17Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.