Abaphristi NabaLevi Ababuya NoZerubhabhele
1Nampa abaphristi nabaLevi ababuya noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa:
uSeraya, uJeremiya, u-Ezra, 2u-Amariya, uMalukhi, uHathushi, 3uShekhaniya, uRehumi, uMeremothi, 4u-Ido, uGinethoyi, u-Abhiya, 5uMijamini, uMahadiya, uBhiliga, 6uShemaya, uJoyaribi, uJedaya, 7uSalu, u-Amoki, uHilikiya noJedaya.
Labo babeyizinhloko zabaphristi nezabafowabo, emihleni kaJeshuwa.
8AbaLevi:
uJeshuwa, uBhinuwi, uKadimiyeli, uSherebhiya, uJuda, uMathaniya owayengamele amahubo okudumisa, nabangani bakhe, 9uBhakibhukiya, u-Uno nabafowabo, bemaqondana nabo ngezigaba.
10UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibhi; u-Eliyashibhi wazala uJoyada; 11uJoyada wazala uJonathani; uJonathani wazala uJaduwa.
12Emihleni kaJoyakimi, izinhloko zoyise babaphristi kwakuyilezi:
ekaSeraya: nguMeraya; ekaJeremiya: nguHananiya;
13eka-Ezra: nguMeshulamu; eka-Amariya: nguJehohanani;
14ekaMalukhi: nguJonathani; ekaShebhaniya: nguJosefa;
15ekaHarimi: ngu-Adina; ekaMerayothi: nguHelekayi;
16eka-Ido: nguZakhariya; ekaGinethoni: nguMeshulamu;
17eka-Abhiya: nguZikhiri; ekaMiniyamini, ekaMohadiya: nguPhilithayi;
18ekaBhiliga: nguShamuwa; ekaShemaya: nguJehonathani;
19ekaJoyaribhi: nguMathenayi; ekaJedaya: ngu-Uzi;
20ekaSalayi: nguKalayi; eka-Amoki: ngu-Ebhere;
21ekaHilikiya: nguHashabhiya; ekaJedaya: nguNethaneli.
22AbaLevi babhalwa emihleni ka-Eliyashibhi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa; njengezinhloko zemindeni yoyise nabaphristi ekubuseni kukaDariyu, umPheresiya. 23Abozalo lukaLevi izinhloko zoyise abalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba sezinsukwini zikaJohanani indodana ka-Eliyashibhi. 24Izinhloko zabaLevi nazi: uHashabhiya, uSherebhiya noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo bebhekene nabo bedumisa, bebonga njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba sibhekene nesigaba. 25UMathaniya, uBhakibhukiya, u-Obhadiya, uMeshulamu, uThalimoni no-Akhubhi babengabalindisango, belinda izindlu zokubekelela ngasemasangweni. 26Labo babekhona ezinsukwini zikaJoyakimi, indodana kaJeshuwa, kaJozadaki, nasezinsukwini zikaNehemiya umbusi, nomphristi u-Ezra, umbhali.
Umkhosi Wokubusiswa Kogange
27Ngomkhosi wokubusiswa kogange eJerusalema abaLevi bafunwa ezindaweni zabo zonke, ukuba bayiswe eJerusalema ukuyogubha umkhosi ngentokozo, ngokubonga, ngokuhlabelela, ngamasimbali, ngezigubhu nangamahabhu. 28Amaqembu abaculi abuthana evela ethafeni elalizungeze iJerusalema, nasemizaneni yabaLevi, 29naseBhethi Giligali, nasemasimini eGebha, nase-Azimavethi, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema. 30Abaphristi nabaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, amasango nogange.
31Ngase nginyusela phezu kogange abaholi bakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezazibonga, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene sogange, saya ngaseSangweni Lomquba; 32emva kwaso kwahamba uHoshaya nengxenye yabaholi bakwaJuda, 33u-Azariya, u-Ezra, uMeshulamu, 34uJuda, uBhenjamini, uShemaya, uJeremiya 35namadodana athile abaphristi ephethe amacilongo: uZakhariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakhuri, ka-Asafa 36nabafowabo uShemaya, u-Azareli, uMilalayi, uGilalayi, uMahayi, uNethaneli, uJuda noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, engaphambi kwabo. 37NgaseSangweni Lomthombo, phambi kwabo, bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide, ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi, empumalanga.
38Esinye isigaba saya ngakwesokhohlo, mina ngasilandela nengxenye yabantu ogangeni, ngasenhla kombhoshongo wezithando, kwaze kwaba soGangeni Olubanzi, 39nangenhla kweSango Lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, eSangweni Lenhlanzi, eMbhoshongweni KaHananeli, eMbhoshongweni KaHameya, naseMbhoshongweni Wekhulu, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Lejele.
40Zase zima endlini kaNkulunkulu lezo zigaba zombili zababongayo, nami nezikhulu engangihamba nazo; 41nabaphristi u-Eliyakimi, uMahaseya, uMiniyamini, uMikhaya, u-Eliyohenayi, uZakhariya, noHananiya, bephethe amacilongo, 42noMahaseya, uShemaya, u-Eleyazare, u-Uzi, uJehohanani, uMalikhiya, u-Elamu, no-Ezeri. Abahlabeleli bahlabelela bebhidiswa ngumphathi wabo, uJizirahiya. 43Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.
Ukugcinwa Kwezipho Ethempelini Nokuqoqwa Kokweshumi
44Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi, 45ngoba yibona ababenza isiko lokuhlanza abantu ngokwemithetho kaNkulunkulu wabo, njengoba kwakwenza abahlabeleli nabalindisango, ngokomyalo kaDavide noSolomoni, indodana yakhe. 46Kusukela kudala, ngezinsuku zikaDavide no-Asafa, kwakunabaholi babaculi, behola amaculo okudumisa nokubonga uNkulunkulu, 47ezinsukwini zikaZerubhabhele noNehemiya, wonke u-Israyeli wanikela ingxenye yansuku zonke ukubonelela abaculi nabalindisango. Bahlukanisa lokho okwakungokwabaLevi, nabaLevi bakuhlukanisela abozalo luka-Aroni.