Ukubalwa Kwabakwa-Israyeli Ehlane ISinayi
1Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi: 2“Bala yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ngezinhloko zabo; 3kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo. 4Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe. 5Nanka amagama amadoda azonisiza:
“kwaRubeni: u-Elizuri indodana kaShedewuri.
6KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaZurishadayi.
7KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
8Kwa-Isakhare: uNethaneli indodana kaZuwari.
9KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.
10Kumadodana kaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPhedazuri.
11KwaBhenjamini: u-Abhidani indodana kaGideyoni.
12KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
13Kwa-Asheri: uPhagiyeli indodana ka-Okhirani.
14KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
15KwaNafethali: u-Ahira indodana ka-Enani.”
16Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli.
17UMose no-Aroni bathatha lawa madoda ayebizwe ngamagama, 18ngosuku lokuqala enyangeni yesibili, baqoqa yonke inhlangano, base bebabhalisa ngokokhokho babo, ngemindeni yabo, nangokwezindlu zokhokho babo. Wonke amagama abantu besilisa abaneminyaka engama-20 nangaphezulu abhalwa, futhi abalwa, 19njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose, wababala ehlane iSinayi.
20Abozalo lukaRubeni izibulo lika-Israyeli, nazo zonke izizwe zakwa-Israyeli, ngokolibo lwabo, ngemindeni yabo nangokwezizwana zokhokho babo, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ababeneminyaka engama-20 nangaphezulu abase bengaya empini: 21labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaRubeni, babeyizi-46 500.
22Abozalo lukaSimeyoni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 23labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaSimeyoni, babeyizi-59 300.
24Abozalo lukaGadi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 25labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaGadi, babeyizi-45 650.
26Abozalo lukaJuda, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 27labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babeyizi-74 600.
28Abozalo luka-Isakhare, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 29labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Isakhare, babeyizi-54 400.
30Abozalo lukaZebuloni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 31labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaZebuloni, babeyizi-57 400.
32Abozalo lukaJosefa, okungukuthi uzalo lwabakwa-Efrayimi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20, bonke abangaphuma impi: 33labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwa-Efrayimi, babeyizi-40 500.
34Abozalo lukaManase, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 35labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaManase, babeyizi-32 200.
36Abozalo lukaBhenjamini, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 37labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaBhenjamini, babeyizi-35 400.
38Abozalo lukaDani, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 39labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaDani, babeyizi-62 700.
40Abozalo luka-Asheri, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 41labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwa-Asheri, babeyizi-41 500.
42Abozalo lukaNafethali, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: 43labo ababalwayo kubo, abesizwana sakwaNafethali, babeyizi-53 400.
44Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose no-Aroni nabaholi bakwa-Israyeli, bengamadoda ali-12, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kakhokho wayo. 45Bonke ababalwayo kwabakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, 46sebebonke ababalwayo babeyizi-603 550.
47AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.
48USimakade wayekhulume kuMose, wathi: 49“Yisizwana sakwaLevi kuphela esingayukubalwa, awuyukusibala sona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. 50Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze. 51Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa. 52Abantu bakwa-Israyeli bayakumisa amathende abo, kube yilowo nalowo enkanjini yabo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamaviyo abo. 53AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
54Abakwa-Israyeli benza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.