U-Israyeli Uziphindiselela KwabakwaMidiyani
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Phindiselela abantu bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, ungakedluli emhlabeni.”
3UMose wayesekhuluma nabantu, wathi: “Hlomisani amadoda phakathi kwenu ukuze ayohlasela abakwaMidiyani, aphindiselele uSimakade kwabakwaMidiyani. 4Kuleso naleso sizwana sakwa-Israyeli kuphume inkulungwane, nibathumele empini.”
5Ezinkulungwaneni zabakwa-Israyeli kwaqokwa inkulungwane kuleso naleso sizwana, amadoda ayehlomile; ayizi-12 000. 6UMose wawathumela empini, inkulungwane ivela kuleso naleso sizwana kanye noFinehasi, indodana ka-Eleyazare, umphristi, ephethe ngesandla izitsha zendawo engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi.
7Balwa nabakwaMidiyani njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose, babulala bonke abesilisa. 8Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba. 9Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango. 10Yonke imizi yabo ezindaweni, lapho babehlala khona, nawo wonke amathende abo bakushisa ngomlilo. 11Baphanga yonke impahla yabo, bathumba abantu nezilwane. 12Abathunjwa nempahla ababeyidlile bakuletha kuMose no-Eleyazare, umphristi, nenhlangano yabakwa-Israyeli enkanjini emathafeni kwaMowabi angaseJordani, phesheya kweJerikho.
13UMose no-Eleyazare, umphristi, nazo bonke abaholi benhlangano baphuma bayobahlangabeza ngaphandle kwenkambu. 14UMose wazithukuthelela iziphathimandla zempi, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, ezazibuya empini.
15UMose wathi kuzo: “Ngabe nibasindisile bonke abesifazane na? 16Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade. 17Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda. 18Kodwa wonke amantombazane angakayazi indoda, zigcineleni wona ephila.
19“Bonke phakathi kwenu ababulele umuntu, nabathinte isidumbu, mabahlale ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Zihlambululeni nabathunjwa ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa. 20Hlambululani zonke izingubo zenu, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nangoboya bezimbuzi noma ngokhuni.”
Isimiso Sokwehlukaniswa Kwempango
21Umphristi, u-Eleyazare, wathi emabuthweni ayekade eye empini: “Nasi isimiso somthetho uSimakade ayale ngaso uMose: 22igolide, isiliva, ithusi, insimbi, ithini, nomthofu, 23konke okungeke kushe emlilweni, niyokudabulisa kuwo kuhlambuluke. Noma kunjalo niyokuhlambulula futhi ngamanzi okuhlambulula. Konke okushayo emlilweni, niyokudabulisa emanzini, kuhlambuluke. 24Niyohlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene enkanjini.”
25USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 26“Wena no-Eleyazare, umphristi, nabaholi bezindlu zawoyise benhlangano, yibaleni yonke impango ephangiweyo, abantu nezilwane. 27Yehlukanise kabili impango, phakathi kwamabutho abeye empini nenhlangano yonke. 28Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu, 29niyokuthatha engxenyeni yawo, nikunike u-Eleyazare, umphristi, kube ngumnikelo kuSimakade. 30Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”
31UMose no-Eleyazare, umphristi, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
32Impango eyasala kweyayinikwe amabutho kwaba yizimvu eziyizi-675 000, 33izinkomo eziyizi-72 000, 34izimbongolo eziyizi-61 000, 35izintombi eziyizi-32 000.
36Ingxenye eyabelwa ababephume impi kwaba yizimvu eziyizi-337 500, 37kuzo kwakhishwa intela kaSimakade eyayiyizimvu ezingama-675. 38Izinkomo eziyizi-36 000, intela kaSimakade kungezingama-72, 39izimbongolo eziyizi-30 500, intela kaSimakade kungezingama-61. 40Abantu baba yizi-16 000, intela kaSimakade kungabantu abangama-32.
41UMose wanika u-Eleyazare, umphristi, intela eyayingumnikelo kaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
42Engxenyeni yempango yabantu bakwa-Israyeli, uMose ayeyehlukanise kweyamabutho ayekade esempini, 43eyatholwa yinhlangano kwaba yizimvu eziyizi-337 500, 44izinkomo eziyizi-36 000, 45izimbongolo eziyizi-30 500, 46abantu beyizi-16 000. 47Engxenyeni eyatholwa ngu-Israyeli uMose, wathatha okukodwa kubantu nasezilwaneni wakunika abaLevi ababenakekela ithabanakeli likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
48Iziphathimandla ezazingabakhuzi bezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, 49zathi kuye: “Izinceku zakho zibale wonke amabutho asesandleni sethu, akukho nalinye elisalile. 50Silethe umnikelo kaSimakade, yilowo nalowo kulokho akutholileyo: izinto zegolide, izigqizo, amasongo, izindandatho, amacici, nemigexo, ukuze senzele imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaSimakade.”
51UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide kubo, nawo wonke amagugu ezinto ezenziweyo. 52Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuSimakade, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, laba ngamashekeli ayizi-16 750. 53Amabutho wona ayezithathele impango, kwaba yilelo nalelo ngokwalo. 54UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide elalivela ezinduneni zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha ethendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantu bakwa-Israyeli phambi kukaSimakade.