Isibingelelo
1UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi, 2naku-Afiya udadewethu no-Arkhiphu obutho linye nathi, nasebandleni elibuthanela emzini wakho: 3makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
Uthando Nokukholwa KukaFilemoni
4Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo lapho ngiphatha igama lakho emkhulekweni wami, 5ngokuba ngiyezwa ngothando nokukholwa onakho eNkosini uJesu, nakubo bonke abangcwele. 6Ngikhulekela ukuba ukwabelana ngokholo lwakho kungaba nempumelelo lapho ubona konke okuhle esinakho kuKhristu. 7Uthando lwakho lwangithokozisa kakhulu futhi lwangigqugquzela, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zivuselelekile ngawe mfowethu.
UPawula Ukhulumela U-Onesimu
8Ngakho-ke nanxa nginesibindi esikhulu kuKhristu ukukujuba ukuba wenze okufaneleyo, 9nokho kungcono ukuba, ngenxa yothando, mina Pawula, osemdala futhi oyisiboshwa sikaKhristu uJesu, ngikuncenge. 10Ngikuncenga ngomntanami u-Onesimu, engimzale njengoba ngiboshiwe. 11Wayekade engenamsebenzi walutho kuwe, kodwa manje uselusizo kithi sobabili. 12Ngimthumele kuwe, yena oyinhliziyo yami, 13ebengifisa ukumgcina ahlale lapha ukuze angisize esikhundleni sakho, njengoba ngisaboshwe ngenxa yevangeli. 14Kepha angithandanga ukwenza utho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze okuhle okwenzayo kungabi ngokuphoqwa, kodwa kube ngokuthanda kwakho. 15Mhlawumbe yingakho nehlukana okwesikhashana, ukuze abuyele kuwe, abe ngowakho kuze kube phakade, 16engaseyiso isigqila, kodwa okungaphezu kwesigqila, esengumzalwane othandekayo kimi, kakhulu kangakanani kuwe, enyameni naseNkosini.
17Ngakho-ke uma singababambisene, memukele yena kungathi wemukela mina. 18Kepha uma kukhona akone ngakho noma anecala kuwe ngakho, kubalele kimi lokho. 19Mina, Pawula, ngikulobele ngesandla sami, ngiyakukubuyisela, ukuze ngingasho kuwe ukuthi unecala kimi ngoba oyikho, uyikho ngami. 20Yebo, mfowethu, sengathi ngingakufumana lokhu kuwe eNkosini. Hlumelela inhliziyo yami kuKhristu.
Isiphetho
21Ngikulobela lokhu ngoba ngineqiniso lokuthi uzongilalela, ngiyazi futhi ukuthi engikushilo ngenhla uzokwenza. 22Okunye-ke ngilungiseleni indawo lapho ngizogogobala khona, ngoba ngiyethemba ukuthi ngenxa yemikhuleko yenu, ngizobuyiselwa kini. 23Uyakhonza u-Ephafra, engiyisiboshwa kanye naye ngenxa kaKhristu uJesu, 24kanjalo noMakhu, u-Aristakhusi, uDema noLuka, esibambisene nabo emsebenzini.
25Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nomoya wenu.