ISambulo 15
Izingelosi Eziyisikhombisa Nezinhlupho Eziyisikhombisa Zokugcina
1Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupheko eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba ngazo kwase kupheleliswa ulaka lukaNkulunkulu. 2Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nalabo abanqobe isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngasolwandle lwengilazi, bephethe amahabhu kaNkulunkulu. 3Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi:
“Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho,
Nkosi Nkulunkulu, Somandla;
zilungile, ziqinisile izindlela zakho,
wena Nkosi yezizwe.
4Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi,
adumise igama lakho, na?
Ngokuba Wena wedwa ungcwele,
zonke izizwe ziyakuza
zikhuleke phambi kwakho,
ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”
5Emveni kwalokho ngabona, kwavulwa ithempeli, ithabanakeli lobufakazi ezulwini, 6kwase kuphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ziphethe izinhlupheko eziyisikhombisa. Zazembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande egolide. 7Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade. 8Ithempeli lagcwala intuthu ivela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe. Akekho owayengangena ethempelini zingakapheleli izinhlupheko eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.