Impilo Ebuswa NguMoya KaKhristu
1Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKhristu uJesu. 2Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa. 3Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni, 4ukuze izimfanelo ezinhle ezifunwa ngumthetho zifezeke kithi, thina esingahambi ngokwenyama, kodwa ngokukaMoya.
5Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya. 6Ngokuba ukubeka ingqondo ezintweni zenyama kungukufa, kepha ukuyibeka ezintweni zikaMoya kungukuphila nokuthula. 7Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela, 8ngokuba abasabuswa yimvelo abanakumthokozisa uNkulunkulu.
9Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe. 10Uma uKhristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kodwa umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. 11Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
12Ngakho-ke bazalwane, asinasikweletu kuyo inyama ukuba siphile ngayo. 13Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. 14Bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo-ke bangabantwana bakaNkulunkulu, 15ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!” 16Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. 17Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi; izindlalifa zikaNkulunkulu, nezindlalifa kanye noKhristu, uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye.
Abantwana BakaNkulunkulu Bayakungena Ebukhosini Emva Kwezinhlupheko
18Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo ezayo, eyakwembulwa kithina; 19ngokuba okudaliweyo kulindele ngokulangazelela ukwembulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. 20Ngokuba indalo yabekwa phansi kobuze, kungengentando yayo, kodwa ngentando yowayibekayo, ngethemba lokuthi, 21nayo indalo uqobo iyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, ikhululelwe enkazimulweni yabantwana bakaNkulunkulu.
22Ngokuba siyazi ukuthi yonke indalo iyabubula kanyekanye, inezinseka ezinzima kuze kube manje. 23Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu. 24Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? 25Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
26Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi. 27Kepha Yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba unxusela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
28Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe. 29Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi; 30labo abamisile ngaphambilini, ubabizile futhi; labo ababizile, ubalungisisile futhi; labo abalungisisile, ubakhazimulisile futhi.
Umuntu Unqoba Ngaye UJesu
31Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? 32Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na? 33Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo. 34Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo. 35Pho ngubani ozakusehlukanisa nothando lukaKhristu na? Ngabe ukuhlupheka noma usizi; ukuhlushwa noma indlala ukuhamba ze noma ingozi, noma yinkemba na? 36Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke;
sifana nezimvu zokuhlatshwa.”
37Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. 38Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, 39nakuphakama, nakujula, nanoma yini enye edaliweyo; akuyukuba namandla okusehlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKhristu uJesu, iNkosi yethu.