Isihlabelelo Sezihlabelelo
1Isihlabelelo sezihlabelelo sikaSolomoni.
Isihlabelelo Sothando (1)
Intombi:
2Makangiqabule
ngokuqabula komlomo wakhe!
Uthando lwakho
lumnandi kunewayini.
3Amafutha akho
athaphuka iphunga elimnandi,
igama lakho linjengamafutha
atheliweyo;
yingakho izintombi
zikuthanda nje.
4Ngidonse ngikulandele, sigijime.
Inkosi isingingenisile
emakamelweni ayo.
Abangani:
Siyojabula, sithokoze ngawe;
uthando lwakho siyolukhumbula
ukwedlula iwayini.
Intombi:
Abalungileyo bayakuthanda.
5Madodakazi aseJerusalema,
ngimnyama kodwa ngimuhle.
Nginjengamathende akwaKhedari,
nanjengamakhethini kaSolomoni.
6Ningabuki ukuthi ngimnyama,
ngifuswe yilanga.
Amadodana esizalwa
mfazi munye nawo,
angithukuthelele,
angenza umlindizivini,
ngangabe ngisasilinda esami.
7Ngitshele wena othandwa
ngumphefumulo wami,
umhlambi wakho uweluselaphi,
uwuphumuzelaphi emini na?
Kungani kumele ngihambe
ngicinga emihlanjini
yabangani bakho,
njengowesifazane ogubuzele
ngemvakazi na?
Insizwa:
8Uma ungazi,
wena omuhle
kunabo bonke abesifazane,
landela imizila yomhlambi,
weluse amazinyane akho
ngasemathendeni abelusi.
Insizwa:
9Ngikufanisa nehhashi lami lensikazi
phakathi kwezinqola zempi kaFaro,
sithandwa sami.
10Izihlathi zakho zinhle
zinemicu yobuhlalu,
intamo yakho inemigexo.
11Sizokwenzela imigexo yegolide
enobuhlalu besiliva.
Intombi:
12Ngesikhathi inkosi
isahleli etafuleni layo,
inadi lami lathaphuka
iphunga lalo.
13Othandiweyo wami uyisigaxa semure kimi,
ulala phakathi kwamabele ami.
14Othandiweyo wami kimi
ufana nesixha sehena
ezivinini zase-Eni Gedi.
Insizwa:
15Waze wamuhle sithandwa sami!
Bheka, umuhle,
amehlo akho angamajuba.
Intombi:
16Bheka, umuhle,
wena othandiweyo wami,
yebo, uyathokozisa.
Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.
Insizwa:
17Imishayo yezindlu zethu iyimisedari,
uphahla luyimisayiphuresi.