1 KwabaseKhorinte 13
Ukudunyiswa Kothando
1Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. 2Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. 3Noma nginganikela ngakho konke enginakho, nginikele ngisho nangomzimba wami ukuze ngizigabise, kodwa uma ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
4Uthando luyabekezela, lumnene; uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi; 5aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; 6aluthokozi ngokungalungile, kodwa luthokozela iqiniso; 7lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke.
8Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela. 9Ngokuba sazi ingxenye, siphrofetha ingxenye. 10Kepha lapho sekufike okupheleleyo, lokho okuyingxenye kuyakuphela. 11Lapho ngisenguntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngacabangisa okomntwana, futhi ngazindlisa okomntwana. Kepha lapho sengiyindoda, ngakuyeka ukwenza okobuntwana. 12Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo. 13Manje-ke, kumi lokhu okuthathu: ukukholwa, ithemba, nothando, kodwa okukhulu kulokhu wuthando.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.