1Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu. 2Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo. 3Kepha kimi kuyinto elula ukuba ningahlulele, noma ngahlulelwe ngabantu; nami luqobo angizahluleli. 4Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi. 5Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.
6Bazalwane, lokhu-ke ngikuqondise kimi naku-Apholo, ngenxa yenu, ukuba nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuze ningazikhukhumezi, omunye akhethe omunye kunomunye. 7Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na? 8Senize nasutha, naceba, nibusa ngaphandle kwethu. Yebo-ke, sengathi ningabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani. 9Ngokuba ngiyabona ukuthi thina baphostoli, uNkulunkulu usenze saba ngabokugcina, njengabanqunyelwe ukuba bafe, ngokuba sesiphenduke into yokubukwa yizwe, yizingelosi, nabantu. 10Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa. 11Kuze kube yilesi sikhathi siyalamba, somile, sihamba ze, siyashaywa, siyimihambima, 12siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu. Kuthi lapho sethukwa, thina sibusise; uma sizingelwa, thina siqinisele. 13Kuthi lapho sinyembenywa; thina siphendule kahle, sehlise umoya. Kuze kube namuhla, sithathwa njengezibi zomhlaba, nokungcola okuvela ezintweni zonke. 14Anginilobeli lokhu ukuba nginenze nizenyeze, kodwa ukuba ngineluleke njengezingane zami ezithandekayo. 15Nakuba ningaba nabafundisi abayizi-10 000 kuKhristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba yimina enganizala kuKhristu uJesu ngevangeli. 16Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba ningilingise. 17Yingakho ngithumele kini uThimothewu, umntwana wami othandekayo nothembekileyo eNkosini. Yena uyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKhristu, njengalokhu ngifundisa ezindaweni zonke nasemabandleni onke.
18Abanye bakhukhumele sengathi angisezi lapho kini. 19Kodwa ngizofika kini kungakapholi maseko, uma iNkosi ivuma, ukuze ngithole kahle, hhayi ngamazwi alaba abazikhukhumezayo, kodwa ngamandla abo. 20Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngamazwi nje, kodwa ngamandla. 21Pho nifunani na? Ngize lapho kini ngihlome ngenduku, noma ngothando nomoya omnene na?