UJesu Khristu UnguMmeli Wethu
1Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo. 2Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.
3Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe. 4Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso. 5Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye. 6Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.
Umyalo Omusha
7Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwayo. 8Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya.
9Umuntu othi usekukhanyeni, kodwa abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube manje. 10Othanda umzalwane wakhe, uhlala ekukhanyeni; akukho sikhubekiso kuye. 11Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe. 12Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe. 13Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. 14Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kusukela kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla; izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.
Akumele Kuthandwe Izwe
15Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise. 16Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni. 17Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
Ukufika Komphikukhristu
18Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. 19Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.
20 Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke. 21Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngenxa yokuthi niyalazi nokuthi akukho manga avela eqinisweni. 22Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye lowo ophika ukuthi uJesu unguKhristu na? Yilowo ongumphikukhristu, ophika uYise neNdodana. 23Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise, kodwa oyivumayo iNdodana unaye noYise.
24Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kini. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise. 25Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.
26Nganilobela lokho maqondana nalabo abanidukisayo. 27Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.
28Namanje bantwanyana, hlalani kuye ukuze kuthi nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni phambi kwakhe lapho efika.
29Uma nazi ukuthi Yena ulungile, yazini-ke futhi ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.