Ukunqotshwa Kuka-Aleksandriyu Ephifanesi
1Inkosi yaseGibhithe yase ibutha enkulu impi, eyayiningi kungathi zihlabathi zolwandle, kanye nemikhumbi eminingi; yazama ukuthola umbuso ka-Aleksandriyu ngobuqili nokuba iwenezele embusweni wayo. 2Yaphuma yalibangisa eSiriya iqhuba amagama angathi angawokuthula, ngakho-ke abantu bemizi eminingi bayivulela amasango baphuma bayihlangabeza, ngokuba inkosi u-Aleksandriyu wayeyalile ukuba benze njalo, ngoba wayengumukhwe ka-Aleksandriyu. 3Kepha lapho uPhitholemi engena emizini wabeka amabutho akhe kuyo ukuze ayivikele.
4Ngenkathi esezofika e-Azotusi, bamkhombisa ithempeli likaDagoni elishisiweyo kanye namaphethelo omuzi, nezidumbu ezaziziginqi lapho, nezidumbu ezazishe zingamalahle zalabo uJonathani eyebashise empini, ngokuba babezibuthele ndawonye ngasendleleni azodlula kuyo. 5Bayitshela futhi inkosi lokho uJonathani ayekwenzile, ukuze bamethwese icala; kodwa inkosi yathula. 6UJonathani wayihlangabeza inkosi ngodumo olukhulu eJopha, babingelelana bachitha ubusuku lapho.
7UJonathani wahamba nenkosi kwaze kwaba semfuleni owawubizwa ngokuthi i-Elewutherusi; wabe esebuyela eJerusalema. 8Ngakho-ke inkosi uPhitholemi yalidla lonke elisogwini kwaze kwaba seSelewusiya ngasolwandle, yaqhubeka yenza amacebo amabi ngenkosi u-Aleksandriyu. 9Yathumela izithunywa enkosini uDemetriyu, ithi: “Woza masenze isivumelwano omunye nomunye, ngiyakukunikeza njengenkosikazi yakho indodakazi yami eyayingumfazi ka-Aleksandriyu, futhi uyakubusa phezu kombuso kayihlo. 10Sengiyazisola manje ukuthi ngamnika indodakazi yami, ngokuba uzamile ukungibulala.”
11Wabeka u-Aleksandriyu icala ngokuba wayewuhalela umbuso wakhe. 12Ngakho-ke wayithatha indodakazi yakhe kuye wayinikeza uDemetriyu. Lokho kwadala ukwahlukana phakathi kwakhe no-Aleksandriyu, ubutha babo baba bukhulu babonakala. 13UPhitholemi wayesengena e-Antiyokhi wathatha umqhele wobukhosi wase-Asiya. Lokho-ke kwamenza wathwala imiqhele emibili ekhanda lakhe, umqhele wobukhosi baseGibhithe kanye nomqhele wobukhosi base-Asiya. 14Inkosi u-Aleksandriyu yayiseKhilikhiya ngaleso sikhathi, ngenxa yokuba abantu baleso sifunda babeyivukele. 15Lapho u-Aleksandriyu ekuzwa konke lokhu, wahloma weza wabhekana naye empini. UPhitholemi weza naye wabhekana naye enempi enamandla amakhulu, yehlulwa eka-Aleksandriyu. 16Ngakho-ke u-Aleksandriyu wabalekela e-Arabhiya ukuyobhaca, ngakho-ke inkosi uPhitholemi yanqoba. 17UZabidiyeli umArabhu wanquma ikhanda lika-Aleksandriyu walithumela enkosini uPhitholemi. 18Kodwa inkosi uPhitholemi yafa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo, kwathi amabutho akhe ayesezinqabeni abulawa ngabantu baleyo mizi. 19Ngakho-ke uDemetriyu waba yinkosi ngomnyaka we-167.
UJonathani Ufumana Umusa KuDemetriyu
20Kulezo zinsuku uJonathani wahlanganisa abajuda ukuba bahlasele inqaba eyayiseJerusalema, futhi wenza imishini eminingi yempi yokudiliza ugange ukuze ayisebenzise lapho ebhekene nalo. 21Kepha amambuka athile asizondayo isizwe sabo aya enkosini abika ukuthi uJonathani uyihlasele inqaba. 22Lapho ikuzwa lokhu yathukuthela kakhulu, yashesha yanikela ePhitholemiyase. Yabe isibhala iyala uJonathani ukuba angaqhubeki nokuhlasela inqaba kodwa ahlangane nayo ngokushesha okukhulu emhlanganweni ePhitholemiyase. 23Ekuzwa lokhu uJonathani, wakhipha izwi lokuba kuqhubeke ukuhlasela. Wakhetha abanye abadala bakwa-Israyeli nabanye babaphristi, wazibeka engozini, 24ngokuya enkosini ePhitholemiyase, ephethe isiliva, igolide, izingubo kanye nezipho ezahlukahlukene. Wazuza umusa emehlweni ayo. 25Nanxa amambuka athile esizwe sakubo aqhubeka ekhononda ngaye, 26nokho inkosi yamphatha njengoba ayenzile u-Aleksandriyu; yamphakamisa phambi kwabangani bakhe bonke.
27Yakuqinisa ukuthi ungumphristi omkhulu nokuningi eyayingamhlonipha ngakho njengoba kwakwenzekile ngaphambili. Yenza ukuba athathwe njengomunye wabangani bayo abakhulu. 28UJonathani wayeseyicela inkosi ukuba ikhulule iJudiya kanye nezifunda ezintathu zaseSamariya ekukhokheni intela, wethembisa ukuyinika amathalente angama300. 29Inkosi yavuma, futhi yambhalela incwadi uJonathani ngazo zonke lezi zinto; yayiqukethe lokhu: 30“Inkosi uDemetriyu iyambingelela umfowabo uJonathani nesizwe sabaJuda. 31Ikhophi yencwadi esiyibhalile ngawe iya kuLasithenesi sikuthumelele nawe, ukuze wazi ukuthi ithini. 32‘Inkosi uDemetriyu ebhalela uyise uLasithenesi, iyabingelela. 33Sinqumile ukwenza okuhle esizweni sabaJuda, esingabangani bethu, nokuba sigcwalise lokho abakubeke emahlombe ethu, ngenxa yomoya omuhle abawukhombise kithi. 34Sikuqinisile ukuthi singesabo isifunda saseJudiya kanye nezifunda ezintathu, esase-Aphayirema nesaseLuda kanye nesaseRathamini; lezi kanye nazo zonke izifunda ezigudle zona, zazinezelwe kwaJuda zivela eSamariya. Bonke labo abanikela iminikelo eJerusalema, sibanikeze inkululo ekunikeleni intela yasebukhosini inkosi eyayiyithola kubo unyaka ngonyaka, eyayivela futhi nasesivunweni samasimu abo kanye nasezithelweni zemithi yabo. 35Kukhona nenye inkokhelo emelwe ize kithi engeyokweshumi, nentela kasawoti kanye neyobukhosi, siyanikhulula kuyo yonke. 36Akukho lutho lwalokhu esikukhululayo oluyakuchithwa kusukela manje kuze kube phakade. 37Wena-ke qikekela ukuba wenze ikhophi yalokhu, uyinikeze uJonathani futhi ibekwe endaweni esobala entabeni engcwele.’ ”
UJonathani Usiza UDemetriyu
38Lapho inkosi uDemetriyu ibona ukuthi izwe linokuthula phambi kwayo nokuthi kwakungekho ophikisana nayo, yawachitha onke amabutho, onke yawabuyisela emakhaya awo, ngaphandle nje kwamabutho abezizwe eyayiwabuthe eziqhingini zezizwe. Ngakho-ke onke amabutho ayesebenza phansi kwamakhosi ayengaphambi kwakhe amzonda kakhulu. 39UThurufoni othile owayengomunye wabasekeli baka-Aleksandriyu; wabona ukuthi onke amabutho ayekhononda ngoDemetriyu. Ngakho waya ku-Imalikuwe umArabhu owayekhulisa u-Antiyokhusi, indodana encane ka-Aleksandriyu, 40wamncenga egcizelela ukuba amnike u-Antiyokhusi ukuze abe yinkosi esikhundleni sikayise. Wabika futhi naku-Imalikuwe lokho uDemetriyu ayekwenzile, wamtshela nangenzondo amabutho ayenayo ngaye; wahlala lapho izinsuku eziningi. 41UJonathani wathumela enkosini uDemetriyu eyicela ukuba isuse amabutho ayesenqabeni eJerusalema, kanye namabutho ayesezindaweni ezivikelekile; ngokuba ayeqhubeka elwa no-Israyeli. 42UDemetriyu wathumela lo mbiko kuJonathani: “Angizukukwenzela nje lokhu kuphela wena nesizwe sakho, kodwa ngizakukunikeza inhlonipho enkulu wena nesizwe sakho, uma ngilithola ithuba. 43Ngakho-ke manje, uyobe wenze kahle ukuba ungithumele amadoda angahle azongisiza, ngokuba onke amabutho ami angivukele.”
44Ngakho-ke uJonathani wathumela amabutho angamaqhawe ayizinkulungwane ezintathu kuyo e-Antiyokhi, okwathi lapho efika enkosini, yajabula kakhulu. 45Abantu bomuzi base behlangana phakathi nomuzi, bengaba yi-120 000, futhi babefuna ukuyibulala inkosi. 46Kepha inkosi yabalekela esigodlweni sayo. Abantu bomuzi base bedla umgwaqo omkhulu womuzi baqala ukulwa. 47Ngakho-ke inkosi yabiza abaJuda ukuba ayelekelele, nembala-ke eza ayelekelela. Ayesehlakazeka agcwala umuzi, abulala ngalolo lusuku i-100 000 labantu. 48Bawuthungela umuzi ngomlilo babutha eningi impango ngalolo lusuku, bayisindisa kanjalo inkosi. 49Lapho abantu bomuzi bebona ukuthi abaJuda akubuyisile ukuthula ngokuthanda kwawo, baphelelwa isibindi, bakhala enkosini bencenga kanje: 50“Siphe ukuthula wenze ukuba abajuda ame ukulwa nathi kanye nomuzi wethu.”
51Balahla phansi izikhali zabo bacela umaluju. Ngakho-ke abajuda athola udumo emehlweni enkosi nakubo bonke embusweni wayo, abuyela eJerusalema ephethe impango eningi kakhulu. 52Inkosi uDemetriyu yahlala esihlalweni sombuso wayo, futhi izwe laba nokuthula phansi kwayo. 53Kepha yalephula izwi layo ngakho konke eyayikwethembisile; kwaba khona ukwehlukana phakathi kwayo noJonathani ayabe isabuyisela okuhle kuye njengoba enzile yena, kodwa yamphatha kabi kakhulu.
UJonathani Weseka U-Antiyokhusi
54Emva kwalokhu uThurufoni wabuya, ebuya nomfana omncane u-Antiyokhusi owaqala ukubusa wathwala umqhele wobukhosi. 55Wonke amabutho uDemetriyu ayewabuyisele emizini yawo, abuthana ku-Antiyokhusi alwa noDemetriyu, wabaleka, impi yakhe yehlulwa yachithwa. 56UThurufoni wabamba izindlovu, wadla nomuzi wase-Antiyokhi. 57Kwase kuthi u-Antiyokhusi omncane wabhalela uJonathani, ethi: “Ngiyakuqinisa esikhundleni sokuba ngumphristi omkhulu, ngikumisa phezu kwezifunda ezine futhi ngikwenza ube ngumngani wenkosi.”
58Wabuye wamthumelela ipuleti legolide kanye nokhonza etafuleni, wamnikeza negunya lokuba aphuze ngezindebe zegolide nokuba embathe ezibukhwebezane futhi afake indondo yegolide. 59Wammisa uSimoni umfowabo kaJonathani ukuba abe ngumbusi kusukela emngeleni waseThire kuze kuyofika emingceleni yaseGibhithe. 60UJonathani wayesephuma wahambela elingaphesheya komfula eya emizini, yonke impi yaseSiriya yabuthana kuye njengomana. Lapho efika e-Askaloni, abantu bomuzi bamhlangabeza futhi bamhlonipha. 61Wasuka lapho waya eGaza, kodwa abantu baseGaza bamvalela ngaphandle. Ngakho-ke wawuhlasela umuzi wawushisa wona kanye nemizi eyakhelene nawo, wabutha impango kuyo. 62Abantu baseGaza bamncenga uJonathani wabe esenza isivumelwano sokuthula nabo, wathatha amadodana ababusi babo njengabathunjwa, wawathumela eJerusalema. Wadabula izwe waze wafika eDamaseku.
63UJonathani wezwa ukuthi izikhulu zempi zikaDemetriyu zazifikile eKhadeshi eliseGalile nempi enkulu, ziphokophelele ukumsusa esikhundleni. 64Waya ukuyobonana nazo, kodwa washiya umfowabo uSimoni ehlane. 65USimoni wakanekisa phambi kweBhethi-zuri futhi walwa nalo izinsuku eziningi, walizungelezela. 66Base bemcela ukuba enze isivumelwano sokuthula nabo, wavuma, wasenza. Wabasusa lapho babekhona, wadla impahla yabo emzini, wamisa ibutho ukuqapha umuzi. 67UJonathani nempi yakhe bakanisa ngasemanzini aseGenezaretha. Ekuseni ngovivi balibangisa emathafeni aseHazori, 68kulapho-ke batholana khona nempi yezitha zabo; phela babemlalele unyendle ezintabeni, kodwa nokho batholana mahlanze neyesitha.
69Kwathi amadoda ayebalalele unyendle ukuze abahlasele bengaboni aqhamuka ezindaweni zawo aba mdibi munye nempi. 70Wonke amadoda ayehamba noJonathani abaleka; akukho namunye owasala ngaphandle kukaMathathiyase indodana ka-Absalomi noJudase indodana kaKhalifi, abakhuzi bempi. 71UJonathani wadabula izingubo zakhe, wathela ikhanda lakhe ngothuli, wakhuleka. 72Waphenduka wabhekana nempi yesitha, wayishaya wayehlula, yavathela. 73Lapho amadoda empi yakhe ekubona lokhu, abuyela kuye ahlangana naye ekubaxosheni kwaze kwaba seKhadeshi. 74Kwawa kweyesitha ngalolo lusuku amadoda ayizinkulungwane ezintathu. UJonathani wayesebuyela eJerusalema.