Izimpi Nezizwe Ezingomakhelwane
1Abezizwe ababebazungezile nxazonke sebezwile ukuthi i-althare lakhiwe kabusha nendawo engcwele yabusiswa njengoba kwakunjalo ngaphambili, bathukuthela kakhulu 2bazimisela ukubabhubhisa abolibo lukaJakobe ababehlala phakathi kwabo. Ngakho-ke baqala ukubabulala nokubabhubhisa phakathi kwabantu babo. 3Kepha uJudase waphaka impi ehlasela abenzalo ka-Isawu ababehlala e-Akrabathene e-Idumiya, ngenxa yokuba babehlezi bebhacile bezimisele ukuvukela u-Israyeli. Wabenza isilo sengubo, wabathobisa kakhulu waze wathatha nempahla yabo njengempango. 4Wakhumbula futhi nobubi bamadodana kaBhayeyani, ayelugibe nonoxhaka kubantu njengalokhu abulala abaningi babo ezindleleni. 5Wabavalela emibhoshongweni yabo; futhi wamisa ngakhona wabhekana nabo, wafunga ukubabhubhisa ngokuphelele, washisa imibhoshongo yabo ngomlilo nabo bonke ababekuyo. 6Wayesenqamula ukuyohlasela ama-Amori, lapho afumana khona ibutho elinamandla kanye nabantu abaningi, ababeholwa nguThimothewu. 7Balwa izimpi eziningi nabo; behlulwa phambi kwakhe, wabulala abaningi babo. 8Wathatha futhi neJazeri kanye nemizi yawo; wayesebuyela eJudiya.
9Ngalesi sikhathi abezizwe baseGileyadi bahlangana ndawonye ukuba bamelane naba-Israyeli ababakhile ezweni labo, futhi baceba ukuba babaqothule nya. Kepha bona babalekela enqabeni yaseDethema 10base bethumela kuJudase kanye nabafowabo incwadi eyayikhuluma kanje: “Abezizwe abasizungezile babuthene ndawonye ukuba basibhubhise. 11Bayazilungisela ukuza badle inqaba esibhace kuyo futhi uThimothewu nguye ohola impi yabo. 12Ngakho woza manje, uzosikhulula esandleni sabo, ngokuba baningi abakithi asebefile 13futhi zonke izihlobo zethu ezazisezweni laseThobi zibulewe; isitha sithumbile nabafazi babo kanye nezingane nempahla, babhubhisa abantu ababalelwa enkulungwaneni.”
14Isafundwa incwadi, ezinye izithunywa, zafika nombiko ofanayo zivela eGalile zigqoke izambatho ezidabukileyo, 15zasho ukuthi abantu bakaPitholemi kanye nabase Thire naseSidoni nalo lonke iGalile labezizwe, bahlangene ndawonye ukuba bababhubhise. 16Lapho uJudase nabantu beyizwa le mibiko, babiza imbizo enkulu ukuze baxoxe ngokuthi bazozenzelani izihlobo zabo ezazizebuhlungwini futhi zihlaselwa yizitha. 17UJudase wathi kumfowabo uSimoni: “Khetha amadoda uhambe uyokophula abafowethu abaseGalile; uJonathani umfowethu kanye nami sizoya kwaGileyadi.”
18Kepha wamshiya eJudiya uJosefa indodana kaZakhariya kanye no-Azariya, umholi wabantu, kanye namanye amabutho, ukuze balibheke 19futhi wabayala kanje: “Holani laba bantu, kodwa ningalwi nabezizwe size sibuye.”
20Ngakho-ke izi-3 000 zamadoda zanikezwa uSimoni ukuba ahambe nazo aye eGalile, kwathi izi-80 000 zahamba noJudase ukuya kwaGileyade. 21Ngakho-ke uSimoni waya eGalile walwa izimpi eziningi nabezizwe, wabashaya wabacoboshisa phambi kwakhe. 22Wabagadulisa kwaze kwaba semasangweni asePitholemayidosi; kwawa inani elingaba yizi-3 000 labezizwe, futhi wathatha impango. 23Wayesethatha abaJuda aseGalile nase-Arabatha, kanye nomkawo nezingane zawo, nakho konke okuyimpahla yawo, wawahola waya nawo eJudiya ngokuthokoza okukhulu.
24UJudase Makhabhizi kanye nomfowabo uJonathani bawela iJolidani bahamba uhambo lwezinsuku ezintathu ehlane. 25Bahlangabezana nama Nabatheyani, ahlangana nabo ngokuthula abatshela konke okwenzekileyo ezihlotsheni zabo ezazikwaGileyadi. 26“Iningi labo livaleleke eBhozira naseBhosori, e-Alema kanye naseKhasipho, eMakedi kanye nase Kharinayimi, okuyimizi emikhulu neqinile, 27abanye babo bavaleleke kweminye yemizi yakwaGileyadi; isitha manje sesilungela ukuhlasela izinqaba kusasa, ukudla imizi nokubhubhisa bonke laba bantu ngalusuku lunye.”
28UJudase nempi yakhe baphenduka masinyane ngendlela yasehlane babuyela eBhozira; badla umuzi, babulala bonke abesilisa ngenkemba; wayesebutha yonke impango yawo wayibabela ngomlilo. 29Wawushiya umuzi ebusuku, bahamba yonke indlela bebabele enqabeni yaseDathema. 30Entathakusa babheka babona isixuku esikhulu, esasingenakubalwa, sithwele amaladi kanye nezinjini zempi beya ukudla inqaba, futhi beyohlasela abajuda ayengaphakathi kuwo. 31UJudase wabona ukuthi impi yase iqalile nokuthi ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini, beshaya imiqangala futhi bekhamuluka kakhulu, 32wathi emabuthweni akhe: “Yilwani namhlanje nilwele izihlobo zenu!”
33Wayesephuma wabaqhamukela ngemuva ehamba namathimba amathathu, ashaya amacilongo awo futhi akhala ekhuleka. 34Lapho impi kaThimothewu ibona ukuthi kwabe kunguMakhabhizi, yagqibuka yabaleka ebusweni bakhe, wabashaya kwawa abaningi. Kwafa abalinganiselwa ezi-80 ngalolo lusuku. 35Okulandelayo, wajikela ngase-Alema, wabhekana nalo walinqoba; wabulala bonke abesilisa kulo, wabutha impango wase elithungela ngomlilo. 36Wasuka lapho walibangisa futhi wadla iKhasifo, iMakedi kanye neBhosori neminye imizi yakwaGileyadi. 37Ngemuva kwalezi zinto, uThimothewu waphaka enye impi wakanekisa maqondana neRafoni, ngalena komfula.
38UJudase wathumela amadoda ukuba ayohlola inkambu, abuya abika kuye: “Bonke abezizwe abasizungezile bahlangene naye; yimpi enkulu exaka ukwenza. 39Baqashe nama-Arabhu ukuba azobasiza, futhi bakanekise ngaphesheya komfula, balungele ukulwa nawe.”
UJudase wahamba ukuyobonana nabo. 40Ngenkathi uJudase nempi yakhe besondela emfuleni, uThimothewu wathi kubakhuzi bempi yakhe: “Uma ewele wafinyelela kithi kuqala asinakumehlula, kodwa uyakusahlula nokusahlula. 41Kepha uma ekhombisa ukwesaba, ekanekisa ngaphesheya komfula, siyakuwela siye kuye simahlule.”
42Lapho uJudase efika ngasemfuleni wamisa izikhulu zempi yakhe emfuleni wazinika lo myalo: “Ningavumeli namunye ukuba aphumule kodwa bonke mabayibambe impi.”
43Wayesewela kuqala eya kubo, kwathi impi yonke yakhe yamlandela. Bonke abezizwe behlulwa, balahla izikhali zabo babalekela endaweni engcwele yaseKhanayimi. 44Kepha yena wadla umuzi wase eshisa izindawo ezingcwele ngomlilo, kanye nakho konke okwakukuzo. Lanqotshwa kanjalo iKhanayimi; babengeke bamelana noJudase isikhathi eside. 45UJudase wayesebutha wonke ama-Israyeli ayekwaGileyadi, abancane nabakhulu, kanye namakhosikazi nabantwana nempahla yabo, kwaba yiviyo elikhulukazi, ukuba bahambe nalo baye ezweni lakwaJuda. 46Base befika e-Efroni. Lona kwakungumuzi omkhulu futhi onamandla osendleleni, futhi ababengenakuwuceza; babephoqekile ukuba badabule kulo. 47Kepha abantu balo muzi babavalela ngaphandle, bavimba amasango nangamatshe. 48UJudase wayesethumela lo myalezo wobungani: “Sivumeleni sidabule ezweni lenu ukuze sifinyelele kwelakithi. Ngeke nalinyazwa muntu; siyakwedlula nje sizihambela ngezinyawo.”
Kepha benqaba ukumvulela. 49Ngakho-ke uJudase wayala ukuba kwenziwe isimemezelo kuyo yonke impi sokuthi bonke mabakanekise lapho bekhona. 50Ngakho-ke amadoda empi akanekisa, walwa nalowo muzi usuku lonke nobusuku balo, umuzi wanikelwa esandleni sakhe. 51Wabulala bonke abesilisa ngenkemba waphanga impango wawucekela phansi wonke umuzi. Wayesedlula emuzini edabula phakathi kwezidumbu eziningi. 52Base beliwela iJolidani bafinyelela ethafeni ngaphambi kweBhethi-shani.
53UJudase waqhubeka egqugquzela amavila nabantu bonke indlela yonke baze bayofika ezweni lakwaJuda. 54Base bekhuphukela entabeni yaseZiyoni bejabula bethokoza, banikela iminikelo yokushiswa, ngokuba babebuye bephephile; kungekho noyedwa osale empini. 55Lapho uJudase kanye noJonathani bekwaGileyadi, noSimoni umfowabo eseGalile nganeno kwePitholemayidosi, 56uJosefa indodana kaZekhariya, kanye no-Azariya umkhuzi wamabutho, bezwa ngezenzo zabo zobuqhawe nangendlela abalwa ngayo izimpi. 57Base bethi: “Masizenzele nathi igama; masiphume silwe nabezizwe abasizungezileyo.”
58Ngakho-ke bakhipha isiyalelo kuwo onke amabutho ayekanye nabo baphuma bayohlasela elaseJaminiya. 59UGogiyase namabutho akhe baphuma ukubhekana nabo empini. 60UJosefa no-Azariya behlulwa kanzima, futhi baxoshwa kwaze kwaba semingceleni yaseJudiya; kwasala enkundleni ngalolo lusuku abantu bakwa-Israyeli abalinganiselwa ezinkulungwaneni ezimbili. 61Ngakho-ke behlulwa kanzima ngoba befuna ukuzenzela igama, abamlalelanga uJudase nabafowabo. 62Bona babengesibo abomndeni okwalethwa ngawo ukukhululwa ku-Israyeli. 63UJudase nabafowabo bahlonishwa kakhulu kulo lonke elakwa-Israyeli naphakathi kwabezizwe, nakuphi lapho laliphathwa khona igama labo. 64Abantu babuthanela kubo babatusa kakhulu.
65Emveni kwalokho uJudase nabafowabo baphumela ukulwa nenzalo ka-Esawu ezweni laseningizimu. Baliqumba phansi iHebroni kanye nemizi eyakhelene nalo, badiliza izinqaba zalo bashisa imibhoshongo yalo nxazonke. 66Base beqhubekela ezweni lamaFilistiya, badabula eMarisa. 67Ngalolo lusuku abanye babaphristi, ababefisa ukwenza izenzo zobuqhawe, bawa empini, ngokuba baya empini bengelulekekanga kahle. 68Kepha uJudase waphambukela e-Azotusi ezweni lamaFilistiya; wabhidliza ama-Althare, kanye nezithombe ezibaziweyo zonkulunkulu babo futhi wazishisa ngomlilo; wabutha impango emizini wase ebuyela ezweni lakwaJuda.