1 KwabaseThesalonikha 4
Impilo Ethokozisa UNkulunkulu
1Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho. 2Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.
3Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu ukuba ningcweliswe, nidede ebufebeni; 4kube yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, 5kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu, 6ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela. 7Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga emanyaleni, kodwa wasibizela ebungcweleni. 8Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
9Kepha mayelana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nilotshelwe ngalokho, ngokuba nina luqobo nifundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane. 10Lokho niyakukwenza kubo bonke abazalwane abakulo lonke elaseMakhedoniya. Nokho bazalwane, siyanigqugquzela ukuba lokho nikwenze kakhulu. 11Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, ninake izindaba zenu, nisebenze ngezandla zenu, njengalokhu saniyala, 12ukuze nihambe ngokufaneleyo phambi kwabangakholwa, futhi ningantuli lutho.
Ukuvuka Kwabafileyo
13Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. 14Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. 15Ngokuba sikusho lokhu kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisaphila sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyukubandulela ngempela abaleleyo, 16ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala. 17Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi. 18Ngakho-ke duduzanani ngalawa mazwi.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.