UJehoshafathi Uyinkosi KwaJuda
1UJehoshafathi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukuba alwe no-Israyeli. 2Wakanisa impi kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wabeka amabutho kwaJuda nasemizini yakwa-Efrayimi eyayinqotshwe nguyise u-Asa.
3USimakade wayenaye uJehoshafathi, ngokuba wahamba ngezindlela zakuqala zikakhokho wakhe uDavide, akazange afune oBhali, 4kepha wamfuna uNkulunkulu kayise, wahamba emthethweni wakhe, akaze alingisa okwenziwa ngu-Israyeli. 5Ngakho-ke uSimakade wawusimamisa umbuso esandleni sakhe, wonke uJuda wathela intela kuJehoshafathi; waba nodumo olukhulu nengcebo eningi. 6Inhliziyo yakhe yashisekela izindlela zikaSimakade, wazisusa izindawo eziphakemeyo, no-Ashera kwaJuda.
7Ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe, wathumela izikhulu zakhe uBheni Hayili, u-Obhadiya, uZakhariya, uNethaneli noMikhaya ukuba ziyofundisa emizini yakwaJuda, 8zinabaLevi: uShemaya, uNethaniya, uZebadiya, u-Asaheli, uShemiramothi, uJehonathani, u-Adoniya, uThobiya noThobi Adoniya. Ababenalaba baLevi kwakungo-Elishama noJehoramu, abaphristi. 9Bafundisa kwaJuda bephethe incwadi yomthetho kaSimakade, bajikeleza kuyo yonke imizi yakwaJuda, befundisa abantu.
10Yonke imibuso yamazwe azungeze elakwaJuda jikelele yehlelwa yingebhe ngoSimakade, ayizange ilwe noJehoshafathi. 11Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.
12UJehoshafathi waya ngokuya edlondlobala; wakha izinqaba nemizi eyizinqolobane kwaJuda. 13Wayenokuningi emizini yakwaJuda, amadoda empi, namaqhawe anamandla, eJerusalema. 14Babemi kanje ngokwezindlu zoyise: kwaJuda, abakhuzi bempi bezinkulungwane: u-Adina umkhuzi wempi, enamaqhawe anamandla ayizi-300 000. 15Emva kwakhe kunguJehohanani umkhuzi wempi, enezi-280 000. 16Wayelandelwa ngu-Amasiya, indodana kaZikhiri, owazinikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade, enamaqhawe anamandla ayizi-200 000. 17KwaBhenjamini, kungu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome ngeminsalo nangezihlangu abayizi-200 000. 18Emva kwakhe kunguJehozabhadi, enamabutho ahlomele ukulwa ayizi-180 000. 19Yilaba-ke ababekhonza inkosi, ngaphandle kwalabo inkosi eyayibabeke emizini ebiyelweyo eyayikulo lonke elakwaJuda.