Ukuhilizisana Phakathi Kuka-Oniyase NoSimoni
1Ngenkathi umuzi ongcwele uhlezi unokuthula okuphelele, nemithetho igcinwa ngokucophelela ngenxa yokukholwa komphristi omkhulu u-Oniyase owayebuzonda ububi, 2namakhosi uqobo ayihlonipha le ndawo aliphakamisa alidumisa ithempeli ngezipho ezinhle, 3ngangokuba inkosi uSelewukhusi yase-Asiya wakhokha zonke izindleko ezaziphathelene nenkonzo yemihlatshelo kwesakhe isikhwama. 4Kepha indoda eyayibizwa ngokuthi nguSimoni, yesizwe sakwaBhenjamini, eyayenziwe umqaphi omkhulu wethempeli, yaba nokungavumelani nomphristi omkhulu ngendlela okwakuphethwe ngayo ezokudayisa emzini. 5Ngenxa yokuba wayengenamandla okumguqula u-Oniyase, wahamba waya ku-Apoloniyase waseTasu, ngaleso sikhathi owayengumbusi wase Kholesiriya naseFonesiya. 6Wabika kuye ukuthi isikhwama semali eJerusalema sigcwele imali engenakulinganiswa, ngangokuba akekho owaziyo ukuthi ingakanani, nokuthi yonke le mali akuyona eyesikhwama semihlatshelo, nokuthi kunokwenzeka ukuba le mali ibuye ngaphansi kwesandla senkosi.
UHeliyodorusi Uthunyelwa EJerusalema
7Lapho u-Apoloniyase ebonana nenkosi, wayibikela ngemali ayetshelwe ngayo. Inkosi yakhetha uHeliyodorusi, owayephethe izindaba zayo, yamthumela nebutho ukuba ayolanda le ngcebo abaziswe ngayo. 8UHeliyodorusi wanikela khona ngokushesha, ikakhulukazi ukuba ahambe ayohlola imizi yaseKholesiriya naseFonesiya nokuba ayofeza okwakuyinhloso yenkosi. 9Lapho esefikile eJerusalema futhi esemukelwe ngomusa ngumphristi omkhulu womuzi, wabalandisa ngalokhu ababekutsheliwe, wachaza nokuthi kungani ezile, wabuzisisa ukuthi ngabe kunjalo yini. 10Umphristi omkhulu wamlandisa ukuthi kukhona imali egciniwe engeyabafelokazi kanye nezintandane, 11nokuthi enye imali ingekaHirikanusi indodana kaThobiyase, indoda eyayinesikhundla esiphakemeyo, nokuthi isiyonke ingamathelente esiliva angamakhulu amane kanye nawegolide angamakhulu amabili. Ngaleyo ndlela uSimoni ongalungile wayeqambe amanga. 12Washo nokuthi kuyoba yinto embi kakhulu uma kwenziwa okubi kulabo bantu abethembele ebungcweleni bale ndawo nasekuhloniphekeni okungenakuphazanyiswa kwethempeli emhlabeni wonke.
UHeliyodorusi Uhlela Ukuyongena Ethempelini
13Kepha uHeliyodorusi, ngenxa yesiyalo senkosi, wathi imelwe yona leyo mali ithathwe iye esikhwameni senkosi. 14Ngakho-ke wamisa usuku wabe eseyongena ethempelini ukuba ayohlola le mali. Kwakukhona ukukhathazeka okukhulu emuzini wonke. 15Abaphristi balala phambi kwe-althare ngezisu bazendlala bembethe izembatho zabo bakhuleka bebhekise ezulwini kuye owanikeza umthetho ngokubekwa kwale mali, bemncenga ukuba ayigcine ingathathwa imali yalabo abayibekile. 16Ukubona umphristi omkhulu ekulesiya simo, kwakungukuzilimaza enhliziyweni, ngokuba ubuso bakhe kanye nokushintsha kwebala lakhe kwakubonakalisa ukukhathazeka okukhulu okwakusemphefumulweni wakhe. 17Ngokuba ukwesaba nokuqhaqhazela komzimba kwakwehlele phezu kwakhe, okwakubonakalisa kulabo abambukayo ubuhlungu obabusenhliziyweni yakhe. 18Abantu nabo baphuma ngokushesha nangobuningi babo emizini yabo ukuba bayozwakalisa ukunxusa kwabo ngokuba kwase kusondele ukuba indawo engcwele ingcoliswe, ithunazwe. 19Abesifazane bezibophe ngamasaka phansi kwamabele, batheleka emigwaqweni. Abanye besifazane abasebasha ababevalelwe ezindlini bagijima bayokuma emasangweni, abanye ogangeni lomuzi, abanye babelunguza ngamafasitela. 20Bephakamisele izandla zabo ezulwini, benyusa ukunxusa kwabo. 21Kwakukhona okudabukisayo ekulaleni ngezisu kwabantu bonke nasekukhathazekeni komphristi omkhulu owayesebuhlungwini obukhulu.
UNkulunkulu Uvikela Ithempeli Lakhe
22Lapho besayibiza iNkosi uSomandla beyincenga ukuba ikugcine okubekwe ngokuphepha yilabo abakubekile, 23uHeliyodorusi waqhubeka nalokho ayesekunqumile. 24Kepha lapho efika endlini yengcebo kanye nabaqaphi bakhe, khona lapho ongaPhezu kwemimoya kanye namagunya onke, wazibonakalisa ngale ndlela yokuthi bonke ababenesibindi sokumphelezela, bamangaliswa ngamandla kaNkulunkulu, bafana nabaqulekile ngenxa yokwesaba.
25Kwabonakala kubo ihhashi elalihlotshiswe kahle kakhulu, nogibele kulo owayenesithunzi esesabekayo; leza ngokushesha kuHeliyodorusi lafike lamshaya ngemilenze yangaphambili. Owayeligibele wayebonakala ehlomile futhi enesikhali segolide. 26Kwabonakala futhi kuye izinsizwa ezisencane ezimbili, zinamandla edlula ukuqonda, zizinhle ngokumangalisayo futhi zigqoke kahle, zama zamphahla futhi zamxebula ngenduku zingami, zamshiya enemivimbo eminingi. 27Kwathi lapho ewela emhlabathini masinyane, nobumnyama obukhulu behlela phezu kwakhe, amadoda ayehamba naye, amthatha ambeka ohlakeni, 28amthwala ahamba naye, le ndoda ebisanda kungena endlini yengcebo nesixuku esikhulu kanye nabo bonke abayiqaphileyo yayingasakwazi nokuzisiza lokhu. Bakubona ngokusobala ukuphakama kwamandla kaNkulunkulu.
U-Oniyase Ukhulekela UHeliyodorusi
29Lapho elele cu engasakwazi nokukhuluma ngenxa yokulamula kwaphezulu futhi lingekho nethemba lokuthi uzakusinda, 30bamdumisa uNkulunkulu owayenzela okuhle kangaka indawo yakhe engcwele. Ithempeli esikhashaneni esifushane nje, elalikade ligcwele ukwesaba nokuphazamiseka, manje lase ligcwele ukujabula nokuthokoza, njengoba iNkosi yayisizibonakalisile. 31Abanye babangani bakaHeliyodorusi bamncenga ngokushesha u-Oniyase ukuba ambize oPhezukonke ukuba amuphe ukuphila lowo owayeselele sekusele umndondo nje. 32Ngakho-ke u-Oniyase esaba ukuthi inkosi ingahle ithole umqondo wokuthi kukhona okuthile okwenziwa ngabajuda mayelana noHeliyodorusi, wanikela ngemihlatshelo emnxusela ukwelulama. 33Lapho umphristi omkhulu esanikela umnikelo wokuthethelelwa, zona lezo zinsizwa ezimbili zabonakala kuHeliyodorusi zigqoke zona lezo zingubo ezazizigqokile, futhi zama zathi: “Mbonge kakhulu umphristi omkhulu u-Oniyase, ngokuba ngenxa yakhe iNkosi isikunikile ukululama ukuba uphile. 34Uqaphele ukuba wena oxetshulwe lizulu, ubatshele bonke abantu ngamandla amangalisayo kaNkulunkulu.”
Seziqedile ukukusho lokhu zanyamalala.
UHeliyodorusi Udumisa UNkulunkulu
35UHeliyodorusi wayesenikela umhlatshelo eNkosini wenza izifungo ezinkulu kuMsindisi wempilo yakhe, esevalelisile ku-Oniyase, wahamba namabutho akhe waphindela enkosini. 36Wafakaza kubo bonke ngazo zonke izenzo zika uNkulunkulu Ophezukonke, ayembonile ngamehlo akhe. 37Lapho inkosi imbuza uHeliyodorusi ukuthi ngonjani umuntu ongafanela ukuba angathatha olunye uhambo oluya eJerusalema, waphendula wathi: 38“Uma kukhona isitha onaso noma oceba utho olubi ngombuso wakho, mthumele lapho, ngokuba uyakubuyiselwa kuwe ebuliwe ngokwanele ngenduku, uma eyophila nokuphila; ngokuba akungabazeki ukuthi kukhona amandla obuNkulunkulu kuleya ndawo. 39Ngokuba yena ohlala emazulwini uyayilinda yena uqobo leya ndawo futhi uyeza ukuba ayisize, futhi uyashaya abhubhise labo abeza ukuba bazoyilimaza.”
40Lona kwakungumphumela wendaba kaHeliyodorusi kanye nokuvikelwa kwendawo yengcebo.