Izimpi ZikaJudase Makhabhizi
1Ngaleso sikhathi uJudase, owayebizwa futhi ngokuthi nguMakhabhizi, kanye nabangani bakhe bangena isinyelela phakathi komuzi base bebiza bonke abesizwe sakubo ukuba bazihlanganise nabo, labo abaqhubekile enkolweni yobuJuda. Ngakho-ke bahlanganisa amadoda ayizinkulungwane eziyisithupha. 2Bamncenga uSimakade ukuba ababheke abantu bakhe abacindezelwe yibo bonke; nokuba abe nesihawu ngethempeli elingcolisiwe ngabangenankulunkulu; 3abe nomusa emuzini owachithwayo osekusele kancane uphele nya; alizwe igazi elikhala kuye; 4akukhumbule nokubulawa kwezingane ngabangalungile bezizwe nezinhlamba abathuka ngazo igama lakhe; akhombise futhi nokuthi uyabenyanya ububi. 5Kwathi ukuba uMakhabhizi ayilungise ngokwanele impi yakhe, abezizwe kabakwazanga ukumelana naye, ngokuba ulaka lweNkosi lwase luphenduke isihawu. 6Efika kungazelele muntu, wayeyithungela ngomlilo imizi nezigodi. Wadla imizi eminingi ebalulekile waxosha abaningi bezitha zabo. 7Wayebuthola ubusuku bumvuna kakhulu ukuba ahlasele ngabo. Kwanda ukukhuluma ngesibindi sakhe yonke indawo.
UPhitholemi Uthumela UNikhanori Ukuba Ayohlasela
8Lapho uFiliphu ebona ukuthi uMakhabhizi wayeya ngokuya eba namandla futhi edla imizi eminingi, nokuthi wayenempumelelo enkulu, wabhalela uPhitholemi, umbusi waseKholesiriya naseFonesiya, emcela ukuba eze azokwelekelela umbuso wenkosi. 9UPhitholemi wayeseshesha waqoka uNikhanori indodana kaPatrokulusi, omunye wabangani abakhulu benkosi, wamthumela, ehamba namabutho angengaphansi kwezinkulungwane ezimbili azo zonke izizwe, ukuze bayoshaya icole kuso sonke isizwe sakwaJuda. Wazihlanganisa noGogiyase, umkhuzi wempi nendoda eyanobuhlakani empini. 10UNikhanori wazimisela ukuba athole intela yenkosi eyayiya kumaRoma, eyizinkulungwane ezimbili zamathalente, ngokuba adayise abajuda athunjiwe ukuba ayoba yizigqili. 11Ngakho-ke washesha wathumela emizini engasogwini, emema ukuba bathenge izigqila zabaJuda futhi ebethembisa ukubanika ezingama-90 ngethalente nje elilodwa, futhi engalindele kwehlulelwa okuvela kuSomandla okwakumcathamela.
UJudase Uzwa Ngamacebo KaNikhanori
12Izwi lafika kuJudase mayelana nokuhlasela kukaNikhanori; futhi lapho etshela abangani bakhe ngokufika kwempi, 13labo ababengamagwala futhi bengakwethembi ukulunga kukaNkulunkulu bashaya utshani babaleka. 14Abanye badayisa ngempahla yabo eyayisele, kwathi futhi ngasona leso sikhathi bayincenga iNkosi ukuba ikhulule labo abase bedayiswe nguNikhanori ongalungile nangaphambi kokuba aze ababone, 15uma kungengenxa yabo, kusale sekuba ngenxa yesivumelwano eyasenza nawokhokho babo, nangokuba wayebabize ngegama lakhe elingcwele nelidumileyo. 16Kepha uMakhabhizi waqoqa amabutho akhe aze aba yizi-6 000, wawayala ukuba angabi nakwesatshiswa isitha futhi angabi naluvalo ngobuningi babezizwe abeza begcwele ukungalungi, bengazokulwa nje ngokufanele, 17ebenza bahlale bengabukhohliwe ububi abezizwe ababenze endaweni engcwele, nokuhlushwa komuzi obukelwe phansi, futhi, nangaphezu kwalokho, ukuchithwa kwezindlela zokuphila zokhokho babo. 18Ngokuba wathi: “Laba bethembela ezikhalini nasezenzweni zobuqhawe, kodwa thina sethemba uNkulunkulu uSomandla, onamandla ngegalelo elilodwa nje ukuba acekele phansi labo abeza ukuzolwa nathi, noma ngabe ngabomhlaba wonke. 19Ngaphezu kwakho konke, wabatshela nangezikhathi lapho usizo lwalethelwa okhokho babo; nokuthi wabasindisa kanjani nangesikhathi sikaSenakheribhi, lapho kwafa abayizi-185 000, 20kanjalo nangesikhathi sokulwa nabaseGalathiya okwenzeka eBhabhiloni, lapho izi-8 000 zabaJuda zalwa zibambisene nabayizi-4 000 baseMakhedoniya, kodwa lapho abaseMakhedoniya sebecindezelekile, abayizi-8 000, ngosizo olwavela ezulwini, babhubhisa izinkulungwane eziyi-12 000 zabaseGalathiya, zathatha impango eningi.”
UJudase Wehlula UNikhanori
(1 AMakh. 3:55 – 4:27)
21Ngalawa mazwi wabaqunga isibindi wabenza bakulungela ukufela imithetho yabo kanye nezwe labo; wabe esewahlukanisa amabutho aba ngamaqembu amane. 22Waqoka nabafowabo, oSimoni noJosefa; noJonathani, kwaba yilowo nalowo wamnikeza iqembu ukuba alihole, ngamunye enamabutho ayi-1 500. 23Ngaphandle kwabo waqoka u-Eliyezare ukuba afunde ngokuzwakalayo encwadini engcwele futhi wanikela lesi siqubulo: “Usizo lukaNkulunkulu”; wabe yena esephuma neqembu lokuqala, wabhekana noNikhanori. 24USomandla engakubo, babulala abangaphezu kwezinkulungwane eziyi-8 000, balimaza futhi bashiya izinqekle eziningi kwekaNikhanori, babaphoqa ukuba babaleke. 25Bathatha imali yalabo ababeze ukuzobathenga njengezigqila. Emva kokubalandela ibanga elide, baphoqeka ukuba babuye ngokuba isikhathi sase sihambile. 26Kwakulusuku olwandulela isabatha, ngenxa yaleso sizathu babengeqhubeke nokubaxosha.
27Lapho sebeqoqile izikhali zesitha bathatha impango eningi, baligcina isabatha, beyinika olukhulu udumo nokubongwa iNkosi, eyayibagcinele lona njengosuku lokuqala ibakhombisa ngalo isihawu sayo. 28Ngemuva kwesabatha banikeza enye yempango kulabo ababehlukunyeziwe nakubafelokazi nezintandane, kwathi esalayo bazahlukanisela yona bona nabantababo. 29Lapho sebekwenzile lokhu, banxusa ngazwi linye bayincenga iNkosi enesihawu ukuba ibaxolele ibuyisane nabo ngokuphelele.
UJudase Wehlula UThimothewu NoBhakhidesi
30Lapho bebhekana namabutho kaThimothewu nakaBhakhidesi babulala ngaphezu kwezi-20 000 badla nemizi eyayibaluleke kakhulu, futhi behlukaniselana impango eningi kakhulu, benikeza enye kulabo ababekade behlukunyeziwe, izintandane nabafelokazi, nabadala, bonke babanika isabelo esilinganayo nesabo. 31Baqoqa izikhali zesitha, futhi bazigcina ezindaweni ezinqabeni ezibaluleke kakhulu; kwathi esalayo impango bayithwala baya nayo eJerusalema. 32Bambulala umkhuzi wempi kaThimothewu, indoda eyayiyimbi kakhulu, neyayiwahluphe kakhulu abajuda.
33Lapho besagubha umkhosi wokunqoba kwabo emzini wokhokho babo, bashisa labo ababethungele ngomlilo amasango angcwele, uKhalistenesi kanye nabanye, ababebalekele endlini encanyana; ngakho-ke laba bathola umvuzo obafanele ngokuziphatha kabi kwabo. 34UNikhanori owayeqalekiswe kwaphindwa kathathu, owayelethe inkulungwane yabathengi ukuzothenga abaJuda, 35edunyaziwe besizwa yiNkosi yilabo ayengabashayi mkhuba, wahlubula ingubo yakhe yempi wavathelisa okwesigqila waze wayofika e-Antiyokhi, ephumelele nokho ekubhubhiseni eyakhe uqobo impi! 36Lowo owayephume ezimisele ukutholela amaRoma intela ngokubamba abajuda aseJerusalema wakuzwakalisa ukuthi abajuda anoMvikeli, nokuthi abajuda awasibo abangenamvikeli, ngenxa yokuba begcina imithetho eyamiswa nguye.