2 KwabaseThesalonikha 3
Ukukhulekelana Kwabazalwane Nabaphostoli
1Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini. 2Sikhulekeleni nokuba sikhululwe kubantu abonakeleyo nababi, ngokuba akusibo bonke abakholwayo. 3Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi. 4Sinesibindi eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakukwenza, nokuthi nizakuqhubeka nikwenze. 5Sengathi iNkosi ingaziqondisa izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKhristu.
6Kepha bazalwane, siyaniyala egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ukuba nibagweme abazalwane abangamavila, abangawulandeli umyalo enawemukela kithi. 7Ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba nisilingise, ngokuba asizange sibe ngabavilaphayo lapho sinani. 8Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu, 9hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise. 10Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
11Ngokuba siyezwa ukuthi abanye benu bangamavila, behla benyuka bengenzi nolunci, kodwa bezigaxa ezindabeni zabanye. 12Kulabo abanjalo, siyabayala, futhi siyabakhuthaza eNkosini uJesu Khristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa. 13Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.
14Kepha uma kukhona ongalilaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni, 15kodwa ningamthathi njengesitha, kepha melulekeni njengomzalwane.
16Sengathi iNkosi yokuthula uqobo inganipha ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
Isiphetho
17Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula, okuwuphawu kuzo zonke izincwadi engizibhalayo.
18Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.