1Ukuhlakanipha kungumqulu wemiyalo kaNkulunkulu, umthetho oyoma kuze kube phakade. Bonke ababambelela kukho bayakuphila, labo abakwalayo bayakubhubha. 2Phenduka, weJakobe, ukwamukele; hamba uye ekukhanyeni kwakho. 3Unganikezi inkazimulo yakho komunye noma amalungelo akho kwabezizwe. 4Sibusisiwe thina ba-Israyeli, ngokuba siyakwazi okuyithokozisayo iNkosi. 5Yimani isibindi, bantu bami, abaqhubela phambili igama lika-Israyeli! 6Kwakungeyona inhloso yokuba nichithwe, nokuba nithengiswe ebugqilini kodwa nanikelwa ezitheni zenu ngenxa yokuba nimthukuthelisile uNkulunkulu wenu. 7Namthukuthelisa onenzileyo ngokuhlabela amadimoni ningahlabeli uNkulunkulu. 8Namkhohlwa uNkulunkulu ongunaphakade, owanikhuphula, nalidabukisa iJerusalema elanikhulisayo. 9Ngokuba lalubona ulaka olwaluza phezu kwalo luvela kuNkulunkulu lathi: “Ake nilalele nina enakhelene neZiyoni, uNkulunkulu ungehlisele usizi olukhulu; 10ngokuba ngikubonile ukuthunjwa kwamadodana namadodakazi ami, akulethile phezu kwabo oNgunaphakade.
11“Ngabakhulisa ngabondla ngentokozo, kodwa ngibahambisile ngesililo nosizi. 12Akungabikho othokoza ngami, umfelokazi ofelwe ngabaningi; ngisele ngize ngenxa yezono zabantabami, ngokuba bahlubuka bawubalekela umthetho kaNkulunkulu. 13Abazikhathalelanga izimiso zakhe futhi abahambanga ezindleleni zemithetho kaNkulunkulu, noma emikhondweni yokulunga kwakhe ayebakhombise yona. 14Mabeze abakhelene neZiyoni; khumbulani ukuthunjwa kwamadodana namadodakazi ami, akulethile phezu kwabo oNgunaphakade. 15Ngokuba waletha isizwe sakude sabahlasela, isizwe esinendlakadla nesikhuluma ulimi olungejwayelekile, esingenanhlonipho nabadala naluzwelo nezingane.
16“Bayithumba indodana ethandekayo yomfelokazi, bamdabukisa owesifazane oyedwa ngamadodakazi akhe. 17Kepha-ke mina, ngingakusiza kanjani na? 18Ngokuba yena owehlisele lezi zigemegeme phezu kwakho nguye oyokukusindisa esandleni sezitha zakho. 19Hambani, bantabami, hambani; ngokuba ngishiywe ngiyinhlwa. 20Ngiyikhumulile ingubo yokuthula ngagqoka eyamasaka yokunxusa kwami; ngizakukhala koNgunaphakade zonke izinsuku zami.
21“Manini isibindi, bantabami, khalani kuNkulunkulu, ngokuba yena uyakunikhulula emandleni nasesandleni sesitha. 22Ngokuba ngilibekile ithemba lami koNgunaphakade ukuthi uyakunisindisa, ngakho-ke intokozo ifinyelele kimi ivela koNgcwele, ngenxa yesihawu esizakunehlela masinyane sivela kuMsindisi wenu oNgunaphakade. 23Ngokuba nganimukisa ngosizi nezinyembezi, kodwa uNkulunkulu uzakunibuyisela kimi ngentokozo nenjabulo yaphakade. 24Ngokuba njengokuba omakhelwane beZiyoni bekubonile ukuthunjwa kwenu, kanjalo bayakubona ngokushesha ukusindiswa kwenu nguNkulunkulu, okuyakuza kini ngenkazimulo enkulu nangodumo loNgunaphakade.
25“Bantwana bami, lubekezeleleni ngesineke ulaka olunehlele luvela kuNkulunkulu. Isitha sinahlulile kodwa masinyane nizakubona ukubhujiswa kwaso kuthi nina ninyathele phezu kwezintamo zaso. 26Abantwana bami engibatotosile bahambe imigwaqo emibi; bamukiswa njengomhlambi bethunjwa yisitha sabo. 27Yimani isibindi, bantabami, khalani kuNkulunkulu, ngokuba uyakunikhumbula yena onehlisele lokhu. 28Njengokuba nanivamile ukuduka kuNkulunkulu, buyani ngogqozi nofuqufuqu oluphindwe kashumi, nimfune yena. 29Ngokuba yena onehlisele lezi zigemegeme uyakuninika intokozo kanye nensindiso engunaphakade.”
30Yima isibindi, Jerusalema, ngokuba lowo owakwetha igama uyakukududuza. 31Maye! kubo abanihlukumezile, abathokoza ekuweni kwenu. 32Maye! kuyo imizi abantwana benu abasebenza kuyo njengezigqila nakuleyo mizi eyemukela inzalo yenu. 33Ngokuba njengokuba bathokoza ekuweni kwenu futhi bajabula ekuchithweni kwenu, ngakho bayakugcwala usizi lapho bebona ukuchithwa kwabo. 34Ngiyakukususa ukuzigqaja kwabo ngobuningi babantu babo, abaziqhayisayo kubo bayakugcwala usizi. 35Ngokuba oNgunaphakade uyakwehlisela umlilo kubo izinsuku eziningi, ngakho-ke bayakuba yisigcawu samadimoni isikhathi eside.
36Bheka ngasempumalanga, Jerusalema, ubone injabulo eza kuwe ivela kuNkulunkulu. 37Bheka, abantwana bakho bayeza, abantwana abathunjwa kuwe; bayeza, bevela eMpumalanga naseNtshonalanga, ngokuba oNgcwele ukhulumile, ngakho-ke babuya bethokoza ngodumo lukaNkulunkulu.