UMKHULEKO KA-AZARIYA KANYE NEHUBO LEZINSIZWA EZINTATHU
(Isengezo KuDaniyeli Esijotshelelwa Phakathi Kwe 3:23 Kanye Ne 3:24)
1Bahambahamba phakathi kwamalangabi, behuba izindumiso kuNkulunkulu futhi beyikhazimulisa iNkosi. 2U-Azariya wema phakathi komlilo wakhuleka ngezwi elizwakalayo wathi:
3“Ubusisekile wena,
Nkosi, Nkulunkulu wawokhokho bethu,
futhi ufanele ukudunyiswa;
negama lakho liyababazeka phakade.
4Ngokuba ulungile kukho konke okwenzileyo,
yonke imisebenzi yakho iyiqiniso,
anendlela yakho iqondile,
nazo zonke izahlulelo zakho ziliqiniso.
5Ukwenzile ukwahlulela okuyikho
kukho konke osehlisele khona
naphezu kweJerusalema,
umuzi ongcwele wokhokho bethu;
ngokwahlulela kwakho okulungile
wehlisele zonke lezi zinto phezu kwethu
ngenxa yezono zethu.
6Ngokuba sonile futhi siyaphulile imithetho
yakho ngokukufulathela;
kukho konke sonile ngokwesabisayo.
7Asiyilalelanga imithetho yakho,
asiyigcinanga noma senze lokho
obusiyale ukuba sikwenze
ukuze kube kuhle kithi.
8Ngakho-ke konke osehlisele khona,
nakho konke okwenzileyo kithi,
ukwenze ngenxa yokwethembeka kwakho
ezahlulelweni zakho.
9Usinikele ezitheni zethu,
abantu abangenamthetho
futhi abagcwele inzondo,
nasenkosini engenabulungisa,
inkosi eyonakele emhlabeni wonke.
10Ngakho-ke manje asikwazi
nokuvula imilomo yethu;
thina, zinceku zakho ezikukhonzayo,
sesiphenduke ihlazo nesinengiso.
11Ngenxa yegama lakho
ungasiyekeli ingunaphakade,
futhi ungaze wasiqeda isivumelwano sakho.
12Ungaze wawuhoxisa umusa wakho kithi,
ngenxa ka-Abhrahama omthandayo
nangenxa yenceku yakho u-Isaka,
no-Israyeli ongcwele wakho.
13Owabathembisa
ukuthi uyakuziphindaphinda
izizukulwane zabo
njengezinkanyezi zezulu
nanjengezihlabathi ogwini lolwandle.
14Ngokuba thina,
Nkosi sesiphenduke idlanzana
kunanoma yisiphi esinye isizwe,
futhi namuhla sithotshisiwe
emhlabeni wonke
ngenxa yezono zethu.
15Asinambusi, namphrofethi, namholi,
akukho mihlatshelo yokushiswa,
namihlatshelo enjani,
nakushunqa kwempepho,
akukho ndawo lapho siletha
iminikelo yethu phambi kwakho
sithole isihawu.
16Nokho samukele
ngokuba siza ngenhliziyo edabukileyo
nomoya othobekileyo,
17sizwe ngokungathi
siletha iminikelo yokushiswa yezinqama,
kanye nezinkunzi,
noma ngokungathi siza
nezinkulungwane zamafutha amawundlu;
sengathi ungaba njalo umnikelo wethu
phambi kwakho namuhla,
sengathi nathi singakulandela ngokuzinikela,
ngokuba abakwethembayo
abanakuthelwa ngehlazo.
18Manje sesilandela wena
ngenhliziyo yethu yonke;
sesaba wena futhi sifuna ubukhona bakho.
19Ungasitheli ngehlazo
kodwa siphathe kahle
ngenxa yesineke sakho
nangenxa yomusa wakho ochichimayo.
20Sikhulule ngenxa yemisebenzi
yakho emangalisayo,
ulethe indumiso egameni lakho, Nkosi.
21Makuthi bonke abalimaza izinceku zakho
ubathele ngehlazo;
mabadunyazwe bephucwe amandla,
amandla abo ephulwe aphele.
22Mabazi ukuthi wena wedwa
uyiNkosi uSimakade,
noNkulunkulu odumisekayo emhlabeni wonke.”
23Izinceku zenkosi ezazibaphonse phakathi zazilokhu ziwuhlokoloza ziwukhwezela umlilo ngalokhu: yinaphutha, iphishi, ithowu kanye nesihlokolozo somlilo. 24Ngakho-ke amalangabi ayekhephuzela ngaphezulu kwesithando somlilo ngokungathi ngamakhubhithi angamashumi amane nesishiyagalolunye, 25endlaleka nobuso besithando, ashisa lawo maKhaledi ayeseduze nesithando somlilo. 26Kepha ingelosi yeNkosi yehlela esithandweni somlilo ukuze ibe no-Azariya, kanye nabangani bakhe, futhi yaxosha amalangabi esithandweni somlilo, 27yenza ingaphakathi lesithando somlilo kwangathi kuphephetha kuso umoya opholile onomsokama. Umlilo awubathintanga nakanci o-Azariya futhi awubazwisanga kuhlushwa nabuhlungu.
Iculo Lezinsizwa Ezintathu
28Ngakho-ke laba abathathu ngaphimbo linye badumisa bakhazimulisa, bambabaza uNkulunkulu esithandweni somlilo, bathi:
29“Mawubongwe, Nkosi,
Nkulunkulu wokhokho bethu:
udunyiswe ubatshazwe kuze kube phakade.
30Liyadumiseka igama lakho elingcwele
nelidumileyo:
Lidumile liyababazeka kuze kube phakade.
31Uyadumiseka usethempelini lobungcwele bakho,
ufanele ukuphakanyiswa
nokutuswa kakhulu kuze kube phakade.
32Uyabongeka wena obona ezinzulwini
usesihlalweni sakho phezu kwamakherubhi,
uyababazeka uyatuseka kuze kube phakade.
33Uyabongeka usesihlalweni sombuso wakho,
uyababazeka utuseka kakhulu kuze kube phakade.
34Uyabongeka usesibhakabhakeni sezulu,
ufanele ukuhutshelwa,
nokukhazinyuliswa kuze kube phakade.
35Nina nonke misebenzi yeNkosi, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
36Nani mazulu aphezulu, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
37Nani zingelosi zeNkosi, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
38Nani manzi aphezu kwesibhakabhaka,
bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
39Nani mandla eNkosi, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
40Nina langa nenyanga, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
41Nani zinkanyezi zezulu, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
42Nani mvula namazolo, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
43Nani mimoya yonke bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
44Nani mlilo nokufudumala bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
45Nani busika obubandayo
nehlobo elishisayo bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
46Nani mazolo nesithwathwa bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
47Nani busuku nemini, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
48Nani kukhanya nobumnyama, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
49Nani liqhwa nongqoqwane, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
50Nani sithwathwa nongqoqwane
namakhaza, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
51Nani lunyazi namafu, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
52Umhlaba wonke mawubonge iNkosi,
yebo awuyidumise uyibabaze kuze kube phakade.
53Nani zintaba namaduli, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
54Nani zinto zonke ezihluma emhlabathini,
bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
55Nani mithombo, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
56Nani zilwandle nemifula, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
57Nani mikhomo nakho konke okuhamba emanzini,
bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
58Nani zinyoni zezulu, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
59Nani zilwane nezinkomo ezihamba ezweni,
bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
60Nani bantu bonke abasemhlabeni, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
61Aba-Israyeli mabayibonge iNkosi,
bayidumise bayibabaze kuze kube phakade.
62Nani baphristi beNkosi, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
63Nani zinceku zeNkosi, bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
64Nani mimoya nemiphefumulo yabalungileyo,
bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
65Nani bantu abangcwele abathobe ngenhliziyo,
bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
66Nani Ananiya, Azariya noMisayeli,
bongani iNkosi,
niyidumise niyibabaze kuze kube phakade.
Ngokuba usophulile eHayidesi
wasisindisa emandleni okufa,
usihlengile esithandweni somlilo ovuthayo,
usophulile emlilweni ovuthayo.
67Bongani uSimakade, ngokuba ulungile,
ngokuba isihawu sakhe asipheli naphakade.
68Nina nonke enikhonza iNkosi,
bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,
nimdumise nimbabaze kuze kube phakade,
ngokuba isihawu sakhe simi phakade.”