Umbono KaDaniyeli Wenqama Nempongo
1Ngonyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBhelishazari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emveni kwalokho okwakubonakale kimi kuqala. 2Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi. 3Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazizinde, kepha olunye lulude kunolunye, olude lwavela kamuva. 4Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.
5Ngisacabanga, bheka, kwavela impongo ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba, kodwa ayiwuthintanga umhlaba; impongo yayinophondo olugqamileyo phakathi kwamehlo ayo. 6Yafika enqameni eyayinezimpondo ezimbili, engayibona imi phambi komfula, yatheleka kuyo ngokufutheka kwayo okunamandla. 7Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yaba nolaka olukhulu, yayishaya inqama, yazephula izimpondo zayo ezimbili. Inqama ayibanga namandla okuma phambi kwempongo, kodwa yayiqumba phansi, yayinyathela, akwaze kwaba bikho ongayihlenga esandleni sayo. 8Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwephuka; esikhundleni salo kwamila ezine ezigqamileyo ngasemimoyeni yomine yezulu.
9Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, ngasempumalanga, nangasezweni elihle. 10Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela. 11Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba kumkhuzi webandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi. 12Kwabekwa impi yokulwa nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.
13Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owayekhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esibhubhisayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”
14Wathi kimi: “Kuyoze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizi-2 300, bese ihlanjululwa indlu engcwele.”
UGabhriyeli Uchazela UDaniyeli Umbono
15Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami okungathi isimo somuntu. 16Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lithi: “Gabhriyeli, menze lo ukuba awuqonde umbono.”
17Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”
18Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.
19Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela. 20Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya. 21Impongo iyinkosi yaseJavini; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala. 22Kepha esikhundleni salolo olwephukileyo kwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, kodwa ingenamandla alo.
23“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela. 24Iyakuba namandla amakhulu, kungengamandla ayo uqobo; iyakubhubhisa ngokumangalisayo, iyakuphumelela, iyakwenza, iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele. 25Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
26“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”
27Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.