Ukwehlukana Kweziphiwo ZikaMoya Nobunye Bokukholwa
1Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, 2ngokuthobeka nobumnene, ngokubheka kade, nibekezelelane ngothando, 3nishisekele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula; 4munye umzimba, munye uMoya; njengalokhu nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; 5yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhabhadiso, 6munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, futhi ophakathi kwabo bonke.
7Kepha yilowo nalowo phakathi kwethu, uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKhristu. 8Ngakho kuthi:
“Esenyukele phezulu wathumba ababethunjiwe,
wapha abantu izipho.”
9Kusho ukuthini ukuthi wenyuka, uma kungesikho ukuthi wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? 10Lowo owehlayo, nguYena owenyukela phezu kwamazulu wonke, ukuze akuphelelise konke.
11NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, 12ukuze bahlomisele abangcwele umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKhristu; 13size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu bokuphelela kukaKhristu, 14ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo. 15Kepha sithi sibambelele eqinisweni ngothando, sikhule ngakho konke kuKhristu, oyinhloko, 16okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo, ngokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, ukuba kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.
Izono Zabangakholwayo
17Ngakho-ke ngiyafakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ngobuze bengqondo yabo, 18abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, 19okuthe bangalahlekelwa ngukuzisola, bazinikela emanyaleni amakhulu, ukuze benze ukungcola konke ngokuhuheka.
20Kepha nina animfundanga uKhristu kanjalo, 21uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, 22ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo, 23nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, 24nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
25Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye. 26Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. 27Ningamniki uSathane indawo.
28Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.
29Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo. 30Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa. 31Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi. 32Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.