Isiphrofetho NgeThire
1Kwathi ngonyaka we-11, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika kimi izwi likaSimakade, lathi: 2“Ndodana yomuntu, njengoba iThire likhulumile mayelana neJerusalema, lathi: ‘Ashila; liphukile isango lezizwe; seliphendukele kimi; ngiyakuphumelela njengoba lona seliyincithakalo,’ 3ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiphezu kwakho Thire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lugubha amagagasi, zimelane nawe. 4Ziyakubhidliza izingange zeThire, zidilize imibhoshongo yalo. Ngiyakuyikhukhuluza imvithi yalo, ngilenze libe yidwala elingenalutho. 5Liyakuba yindawo yokwendlala amanetha phakathi kolwandle, ngokuba Mina sengikhulumile, liyakuba yimpango yezizwe,’ ” kusho iNkosi uSimakade.
6“ ‘ “Amadodakazi alo asezweni ayakudliwa yinkemba, ayakukwazi ukuthi nginguSimakade.
7“ ‘ “Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizomyisa eThire uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba amelane nalo evela enyakatho, nguye oyinkosi yamakhosi; unamahhashi, izinqola zempi, abagibeli bamahhashi, nesixuku esikhulu samabutho. 8Uyakuyithelekela ngenkemba imizana yakho esezweni, akhe udonga lokukuvimbezela, enze indunduma, akuphakamisele nehawu, alwe nawe. 9Uyakubeka ezingangeni zakho imigoqo yakhe yokubhidliza, abhidlize imibhoshongo yakho ngemigxala yakhe. 10Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe, uyakumbozwa wuthuli lwawo, izingange zakho zizamazame ngenxa yomsindo wabagibele amahhashi, nangenxa yobukhehlekhehle bamasondo nezinqola zempi, kuthi lapho engena emasangweni akho, kube sengathi kungenwa emzini ozingange zawo zibhidliziwe. 11Uyakuyigxobagxoba yonke imigwaqo yakho ngezinselo zamahhashi akhe, abulale abantu bakini ngenkemba, nezinsika zakho eziqinileyo ziwele phansi. 12Bayakuwuphanga umcebo wakho, bayithathe njengempango impahla yakho ohweba ngayo. Bayakuzibhidliza izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, balahle amatshe akho, imithi yakho, nemfucuza yakho emanzini. 13Ngiyakuwuqeda umsindo wezingoma zakho, nokunkeneneza kwamahabhu akho akuseyukuzwakala nanini. 14Ngiyakukwenza ube yidwala elingenalutho, indawo yokwendlala amanetha; awusayukwakhiwa kabusha futhi, ngokuba Mina Simakade ngikhulumile,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
15“Isho kanje iNkosi uSimakade kulo iThire, ithi: ‘Iziqhingi aziyukuzamazama yini ngenxa yomsindo wokuwa kwakho, lapho abanamanxeba bebubula, nabafayo bebulawelwa kuwe na? 16Zonke izikhulu zamazwe agudle ulwandle, ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, ziyishiye phansi imijiva yazo, zikhumule izingubo zazo ezifekethisiweyo, bese zembatha ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalo, futhi zimangale ngawe. 17Ziyakukhihla isililo ngawe, zithi kuwe:
“ ‘ “Maye, ngokushabalala kwakho,
wena obekuhlala kuwe abasuka olwandle;
muzi odumileyo,
owawunamandla olwandle;
wena nabakhileyo kuwe,
owenza ukuba besatshwe bonke
abakhileyo kuwe!
18Manje iziqhingi ziyazamazama
ngosuku lokuwa kwakho;
ziyazamazama iziqhingi ezisolwandle ngokubhubha kwakho.” ’ ”
19Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi lapho ngikwenza umuzi oyincithakalo njengemizi okungahlalwa kuyo, nalapho ngikhuphulela kuwe izinzulu zolwandle, namanzi azo amaningi akusibekele, 20ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basemandulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba nabehlela egodini njengasezindaweni eziyincithakalo, kusukela emandulo, ukuze ungaphindi ubuye, ungabi nandawo futhi ezweni labaphilayo. 21Ngiyakwenza isiphetho sakho sibe ngokwesabekayo, ungabe usaba bikho; uyakufunwa, kodwa awuyukutholakala kuze kube phakade,” kusho iNkosi uSimakade.