Ukudalwa Kwezulu Nomhlaba
1Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. 2Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi. 3UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.”
Kwaba khona ukukhanya. 4UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wayesehlukanisa ukukhanya nobumnyama. 5UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.
6UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.”
7UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo. 8UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.
9UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.”
Kwaba njalo. 10UNkulunkulu wawubiza umhlabathi owomileyo ngokuthi ngumhlaba, amanzi aqoqeleke ndawonye wawabiza ngokuthi wulwandle. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.
11UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.”
Kwaba njalo. 12Kwamila utshani emhlabeni: izitshalo ezithela imbewu, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. 13Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithathu.
14UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka, 15zibe yizikhanyisi esibhakabhakeni, zikhanyisele umhlaba.”
Kwaba njalo. 16UNkulunkulu wenza izikhanyisi ezinkulu ezimbili, isikhanyisi esikhulu ukubusa emini, nesikhanyisi esincane ukubusa ebusuku, nezinkanyezi. 17UNkulunkulu wabeka izikhanyisi esibhakabhakeni ukuba zikhanyisele umhlaba, 18zibuse imini nobusuku, zehlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. 19Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesine.
20UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.”
21UNkulunkulu wadala izilo ezinkulu zasolwandle, nezidalwa zonke ezitshuza emanzini ngezinhlobo zazo, nazo zonke ezindizayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. 22Wazibusisa zonke izidalwa wathi: “Zalanani nande nigcwalise ulwandle.”
Nasezinyonini wathi: “Yandani emhlabeni.”
23Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu.
24UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.”
Kwaba njalo. 25UNkulunkulu wenza zonke izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.
26UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”
27UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane, 28wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.”
29UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle. 30Kepha zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni emkhathini, nakho konke okuhuquzelayo emhlabeni, nakho konke okunomphefumulo, ngikunike konke okuluhlaza okumilayo ukuba kukudle.”
Kwaba njalo. 31UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.