U-Abhrama Uhlukana NoLothi
1U-Abhrama nomkakhe nakho konke ayenakho basuka eGibhithe bakhuphuka babheka eningizimu noLothi. 2Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.
3Wasuka eningizimu wahamba ephumula waze wayofika eBhethele, endaweni ephakathi kweBhethele ne-Ayi, lapho wayekade egobe khona amadlangala phambilini, 4nalapho wayekade akhe khona i-althare. Wakhuleka egameni likaSimakade.
5ULothi owayehambe no-Abhrama, naye wayesenezimvu, izimbuzi, izinkomo namathende. 6Izwe ababehlezi kulo lalingasabenele, ngoba imfuyo yabo yabe seyande kakhulu kangangokuthi babengeke besakwazi ukuhlala ndawonye. 7Abelusi bemfuyo ka-Abhrama nabekaLothi base beqale ukuxabana. Ngaleso sikhathi amaKhanani namaPherizi ayehlala kulelo lizwe.
8U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana. 9Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”
10ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora. 11ULothi wazikhethela lonke ithafa eliseJordani, wayeselibhekisa ngasempumalanga. Ehlukana kanjalo-ke lawa madoda amabili. 12U-Abhrama wayesehlala eKhanani, uLothi wahlala phakathi kwemizi esethafeni, wagxumeka ithende lakhe eduze komuzi iSodoma. 13Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.
14Kwathi lapho uLothi esehambile, uSimakade wakhuluma ku-Abhrama wathi: “Manje phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke lapho ukhona: enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga, 15ngokuba lonke leli lizwe olibonayo ngizokunika lona; wena nezizukulwane zakho, kuze kube phakade. 16Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane. 17Lihlole lonke leli lizwe, ngoba ngikunika lona.”
18U-Abhrama wayesesusa ithende lakhe, wahamba, wafike wahlala eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, eHebhroni, wayesemakhela khona uSimakade i-althare.