Ukubhujiswa KweSodoma NeGomora
1Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini. 2Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.”
Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”
3ULothi wazibelesela ezincenga zaze zaphambuka zangena endlini yakhe. Wabe esezilungisela idili, wazenzela namaqebelengwane angenamvubelo; zadla. 4Kwathi lapho zingakalali, kwafika bonke abesilisa baseSodoma, abancane nabadala, bazungeza indlu kaLothi. 5Bammemeza uLothi bethi: “Akuphi lawa madoda angenise kuleyo ndlu namuhla na? Akhiphele lapha phandle siwalale.”
6ULothi wayesephumela phandle, wavala umnyango. 7Wathi: “Bakwethu! Musani ukwenza into embi kangaka. 8Lalelani lapha, nginamadodakazi amabili aseyizintombi; ngivumeleni ngininikeze wona nizibonele. Inqobo nje uma ningezukuwathinta lawa madoda angenise kwami ngokuba kuyisibopho sami ukuwavikela.”
9Bathi: “Suka lapha lesi sifiki! Usuzosishayela imithetho! Sesizohlupha wena-ke kakhulu kunawo.”
Ayesemdudula uLothi aze acishe awufohloza umnyango. 10Amadoda ayesendlini amdonsela ngaphakathi uLothi, ayesevala umnyango. 11Abesilisa abasha nabadala ababengaphandle kwendlu kaLothi bashaywa ngobumpumputhe, bawufuna umnyango baze badikibala. 12Amadoda ayesendlini ambuza uLothi athi: “Uhlala nobani kuleli khaya na? Khipha amadodana akho, nabakhwenyana bakwakho, namadodakazi, nabo bonke ohlala nabo niphume kulo muzi. 13Isikhalo ngalo muzi sesisikhulu phambi kukaSimakade. Ngalokho usithumile ukuba sizowubhubhisa.”
Izingelosi Zisindisa ULothi Nomndeni
14ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.”
Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.
15Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”
16Esabamba eyeka, amadoda amxhakathisa ngesandla, yena, nomkakhe, namadodakazi akhe womabili, abakhiphela ngaphandle komuzi, ngokuba uSimakade ngomusa wakhe wayefuna ukubaphephisa. 17Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”
18ULothi wathi kuwo: “Yobe, makhosi ami, 19ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe. 20Nankuya umuzi omncane oseduze, futhi mncane, ngingabalekela kuwo, ngiphephe.”
21Yathi: “Kulungile, ngiyakuzwela kulokho, angisezukuwubhubhisa lo muzi owushoyo. 22Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.”
Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari. 23Kwathi eqambe efika eZowari uLothi, kwase kuse gelekeqe.
Isibabule Nomlilo Esodoma NaseGomora
24USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini. 25USimakade wayibhubhisa kanjalo-ke leyo mizi nesifunda sonke, nabo bonke ababakhe kuyo, nokumile emhlabathini. 26Kwathi besabaleka, umkaLothi wajeqeza emuva, wayesephenduka insika kasawoti.
27U-Abhrahama wavuka kusempondozankomo waphindela endaweni lapho ayekade emi khona phambi kukaSimakade. 28Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.
29Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.
Imvelaphi YabakwaMowabi Nabakwa-Amoni
30ULothi wasuka eZowari wakhuphukela entabeni, wahlala khona namadodakazi akhe amabili, ngokuba babesaba ukuhlala eZowari, ngakho-ke wahlala emgedeni namadodakazi akhe amabili. 31Langa limbe indodakazi endala kaLothi yathi kwencane: “Ezweni lonke abantu bayaganana, kodwa lapha akukho ndoda esingayigana kanti nobaba usegugile. 32Woza simgcince ngewayini adakwe, bese silala naye ukuze silondoloze uzalo lwakithi, siluphembe ngaye.”
33Ngalobo busuku amgcinca ngewayini uyise, kwangena endala yalala naye, kodwa uLothi akezwanga lutho; akayizwanga ilala nalapho isivuka. 34Ngakusasa indodakazi endala yathi kwencane: “Ngilalile nobaba izolo. Asimphuzise iwayini nanamhlanje bese wena ungena ulale naye, siphembe uzalo ngaye.”
35Nangalobo busuku abuye amgcinca ngewayini uyise, kwase kungena indodakazi encane yalala naye, nalapho uLothi akezwanga lutho; akayizwanga ilala nalapho isivuka.
36ULothi wawakhulelisa omabili amadodakazi akhe. 37Indodakazi endala yazala umfana yamqamba yathi nguMowabi. Nguyena ongukhokho wesizwe sakwaMowabi nanamhlanje. 38Indodakazi encane yazala nayo umfana yamqamba yathi nguBheni-Ami. Ungukhokho wesizwe sabakwa-Amoni nanamhlanje.