UJakobe Ubuyela EBhethele
1UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.”
2UJakobe wathi emndenini wakhe nakubo bonke ayenabo: “Lahlani bonke onkulunkulu bezizwe eninabo, nizihlambulule, bese nigqoka izingubo ezihlanzekileyo. 3Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”
4Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu. 5Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.
6UJakobe wafinyelela eLuzi, eKhanani, okuyiBhethele, nabo bonke ayehamba nabo. 7Wakha lapho i-althare, leyo ndawo wayibiza ngokuthi yi-Eli Bhethele, ngokuba kulapho uNkulunkulu azibonakalisa kuye khona mhla ebalekela umnewabo.
8UDebhora, umzanyana kaRibheka wafa, wangcwatshwa phansi kwesihlahla somu-okhi ezansi neBhethele. Ngakho-ke sabizwa ngokuthi yi-Aloni Bhakhuthi.
Ukubusiswa KukaJakobe Nokuguqulwa Kwegama
9UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa, 10wathi:
“Igama lakho unguJakobe,
kodwa awusezukubizwa ngoJakobe,
usuzobizwa ngo-Israyeli.”
Ngakho-ke wabizwa ngo-Israyeli.
11UNkulunkulu wathi kuye:
“NginguNkulunkulu uSomandla.
Zala wande,
ube yisizwe esikhulu.
Kuwe kuyovela izizwe eziningi.
Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.
12Nezwe engalabela u-Abhrahama no-Isaka
nawe ngikwabela lona nezizukulwane zakho.”
13UNkulunkulu wenyuka, wamshiya uJakobe lapho ayekade ekhulume naye khona. 14UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo. 15Wayibiza leyo ndawo uNkulunkulu ayekhulume naye kuyo wathi yiBhethele.
Ukufa KukaRaheli Nokuzalwa KukaBhenjamini
16Bathutha eBhethele. Kuthe kuselibangana ukuba bafike e-Efratha, uRaheli wabeletha emveni kokuhelelwa kanzima. 17Kwathi lapho isenzima ngempela imihelo yakhe, umbelethisi wamqinisa idolo, wathi: “Ungesabi, ngokuba uzothola enye indodana.”
18Eseyalela sekuphuma umphefumulo, wayiqamba igama wathi nguBhenoni, kodwa uyise wathi nguBhenjamini. 19URaheli wafa, wangcwatshwa ngasendleleni eya e-Efratha, okuyiBhethlehema. 20UJakobe wamisa insika phezu kwethuna likaRaheli, lelo thuna liselapho kuze kube namuhla.
21U-Israyeli wathutha lapho, wayogoba amadlangala ngale kombhoshongo e-Ederi. 22Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba.
Amadodana KaJakobe
UJakobe wayenamadodana ali-12. 23Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni. 24Amadodana kaRaheli kwakunguJosefa noBhenjamini. 25Amadodana kaBhiliha incekukazi kaRaheli kwakunguDani noNafethali. 26Amadodana kaZilipha incekukazi kaLeya kunguGadi no-Asheri. Yilawo-ke amadodana kaJakobe awazala esePhadani Aramu.
Ukufa Kuka-Isaka
27UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona. 28Iminyaka yokuphila ka-Isaka yaba yi-180 isiyonke. 29U-Isaka wafa, wangcwatshwa noyisemkhulu, esekhulile impela, amadodana akhe o-Esawu noJakobe bamngcwaba.