UKhristu Mkhulu Kunazo Zonke Izingelosi
1UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi. 2Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe. 3Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu. 4Seyaba nkulu kunezingelosi, njengoba igama eliyifa layo likhulu kunelazo.
UKhristu UyiNdodana KaNkulunkulu
5Ngokuba yiyiphi phakathi kwezingelosi ake athi kuyo:
“Wena uyiNdodana yami,
namuhla ngikuzele,” na?
nokuthi:
“Ngiyakuba nguYise kuyona,
Yona ibe yiNdodana kimina,” na?
6Mhla futhi eletha izibulo emhlabeni uthi:
“Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
7Nangezingelosi, uthi:
“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,
izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”
8Kepha ngeNdodana, uthi:
“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,
simi kuze kube phakade;
nentonga yokulunga, iyintonga yombuso wakho.
9Uthandile ukulunga,
wazonda ububi;
ngakho-ke uNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho,
ukugcobile ngamafutha enjabulo
ngaphezu kwabangani bakho.”
10Nokuthi:
“Wena Nkosi,
ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;
amazulu angumsebenzi wezandla zakho.
11Wona ayobhubha,
kodwa Wena umi njalo,
wona wonke ayoguga njengengubo.
12Njengesembatho uyakuwasonga,
ayakuguquka njengengubo,
kodwa Wena unguye njalo
iminyaka yakho ayiyukuphela.”
13Kepha yiyiphi ezingelosini ake asho kuyo ukuthi:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngibeke izitha zakho
zibe yisenabelo sezinyawo zakho” na?
14Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?