KumaHebheru 5
Umphristi Omkhulu Ubizwa NguNkulunkulu
1Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; 2ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka; 3ngenxa yabo, kufanele ukuba njengalokhu enikela imihlatshelo ngenxa yezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. 4Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.
UKhristu Ungumphristi Obiziweyo
5Kanjalo noKhristu akazinikanga Yena udumo lokuba ngumPhristi Omkhulu, kodwa wadunyiswa yilowo owakhuluma kuye wathi:
“Wena uyiNdodana yami;
namuhla ngikuzele.”
6Njengalokhu esho kwenye indawo, ethi:
“Wena ungumphristi kuze kube phakade
ngokokuma kukaMelkhizedeki.”
7Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. 8Nakuba eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho, 9okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo. 10Wabizwa nguNkulunkulu ngokuthi ungumphristi omkhulu ngokokuma kukaMelkhizedeki.
Isixwayiso Ngokuhlubuka
11Kuningi esingakusho ngalokho, kodwa kulukhuni ukunichazela, ngokuba nilukhuni ukuzwa. 12Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo. 13Ngokuba lowo nalowo osaphuza ubisi akakakuqondi okwezwi lokulunga, ngokuba useyingane. 14Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.