Izixwayiso Mayelana Nokulwa, Nokuzidla Nangokuhleba
1Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Akuveli yini ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? 2Niyafisa, kodwa aninalutho. Niyabulala, ninomhawu, kepha anizuzi lutho; niyalwa, nidala izimpi. Aninalutho ngoba aniceli. 3Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.
4Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu. 5Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?
6Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”
7Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela. 8Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili. 9Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha. 10Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
Mayelana Nokuhlebana Nokwehlulelana
11Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli. 12Munye oshaya umthetho nongumehluleli, nguYena onamandla okusindisa nokubhubhisa. Pho-ke ungubani wena owehlulela umakhelwane wakho na?
Umuntu Akakwazi Okuzakumvelela Ngomuso
13Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.”
14Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala. 15Empeleni ngabe nithi: “Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.”
16Kepha manje niyazigabisa nina; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. 17Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.