1UJudithi wathi:
“Huba ingoma
kuNkulunkulu wami ngegekle,
ihubeleni iNkosi yami
ngamasimbali.
Phakamiselani kuyo ihubo elisha,
iphakamiseni, nibize igama layo.
2Ngokuba iNkosi inguNkulunkulu
ocoboshisa aqede nya izimpi,
umisa ubukhona bakhe
phakathi kwabantu,
ungikhululile mina
esandleni sabangixoshayo.
3Ama-Asiriya eza
edilika ezintabeni zasenyakatho.
Weza nezigidi zamabutho,
ubuningi bawo bavimba
imihosha ayagobhoza,
kwathi amabutho ahamba
ngezinyawo asibekela izintaba.
4Bathi bazakushisa indawo yami,
babulale izinsizwa zami ngenkemba,
baphahlaze izinsana zami
emhlabathini,
bathathe abantwana bami
namatshitshi ami njengempango.
5Kepha iNkosi uSomandla
ibafenyisile ngesandla
sowesifazane.
6Ngokuba onamandla wabo
kawanga ngasandla sezinsizwa,
kawanga nangankemba yezidlakela,
kawanga nangasandla
semidondoshiya,
kodwa ngoJudithi indodakazi kaMerari
omehlule ngobuhle bobuso bakhe,
7ngokuba wabeka phansi
ezakhe zobufelokazi
ukuze aphakamise u-Israyeli
ocindezelweyo,
wagcoba ubuso bakhe ngamakha,
8wabopha izinwele zakhe ngebhande
wafaka isembatho selineni
ukuze amhehe.
9Izicathulo zakhe
zawadonsa amehlo akhe,
ubuhle bakhe bathumba
ingqondo yakhe,
inkemba yakhe
yadla eyakhe intamo.
10AbasePheresiya baqhaqhazela
bagcwala itwetwe
ngenxa yesibindi sakhe,
amaMede wona
ethuswa ngukugagamela kwakhe.
11Abantu bami
abacindezelwe bamemeza,
abantekenteke bakhala
ngezwi elikhulu,
isitha savevezela;
saphakamisa iphimbo laso
sabaleka.
12Amadodana ezigqilakazi
abajijimeza ngeklwa,
abalimaza njengezingane zobhacile.
Bashabalala phambi kweNkosi yami.
13Ngiyakumhubela uNkulunkulu wami
ihubo elisha:
Awu! Nkosi Nkulunkulu,
umkhulu uyesabeka,
awunqobeki,
izikhwepha zakho ziyamangalisa.
14Izidalwa zonke mazikukhonze,
ngokuba wakhuluma zabakhona.
Wathumela uMoya wakho zabakhona;
akekho ongamelana nezwi lakho.
15Ngokuba izintaba
ziyakuzanyazanyiswa
kuze kube sezisekelweni zazo
kanye nezamanzi;
amadwala ancibilike phambi kwakho
njengenhlaka.
Kepha ubenzela umusa
labo abakwesabayo.
16Ngokuba namuphi
umhlatshelo onephunga
uyinto encane kuwe.
Kanjalo namanoni
omhlatshelo ophelele
ayize leze kuwe.
Kepha lowo owesaba iNkosi
mkhulu ingunaphakade.
17Maye kuso isizwe
esivukela abantu bami!
INkosi uSomandla
iyakuziphindisela kubo
ngosuku lokwahlulela,
iyakuthumela umlilo
nezimpethu enyameni yabo
bayakukhala besezinhlungwini
phakade naphakade.”
Udumo LukaJudithi
18Lapho sebefikile eJerusalema bamdumisa uNkulunkulu. Emuva kokuba abantu sebehlanjululiwe, banikela ngeminikelo yokushiswa, nangeyesihle, nangezipho zabo. 19UJudithi wehlukanisela uNkulunkulu yonke impahla kaHolofernesi ayeyinikwe ngabantu kanye nesembozo azithathele sona embhedeni kaHolofernesi, wakunikela njengomnikelo wesihle. 20Abantu baqhubeka bedla bethokoza eJerusalema phambi kwendawo engcwele izinyanga ezintathu, uJudithi wahlala nabo. 21Emva kwalezo zinsuku bonke babuyela emizini yabo nasefeni labo. UJudithi waya eBhethuliya, wahlala lapho endaweni yakhe. Wahlonishwa njalo ngabantu bonke kwaze kwaba sekupheleni kwempilo yakhe.
22Baningi ababemfisa kodwa kavumanga nayinye indoda izinsuku zonke zokuphila kwakhe, nanxa ayesafa uManase umyeni wakhe, waze naye wedlula emhlabeni. 23Waya ngokuya eduma kakhulu, waze wagugela emzini womyeni wakhe, esehlanganise iminyaka eyikhulu nanhlanu. Wayikhulula intombi eyayimsebenzela. Wafela eBhethuliya, bamngcwaba emgedeni womyeni wakhe uManase; 24indlu yakwa-Israyeli yamlilela kakhulu izinsuku eziyisikhombisa. Ngaphambi kokuba afe wababela impahla yakhe bonke ababengabozalo lwakhe ngokolibo lomyeni wakhe nolwakhe imbala. 25Akuphindanga kube khona umuntu owesabisa u-Israyeli kusukela ngesikhathi sikaJudithi, nangesikhathi eside emva kokufa kwakhe.