UJudithi Umfelokazi Wakwa-Israyeli
1Ngalezo zinsuku uJudithi wezwa ngalezi zinto: wayeyindodakazi kaMerari indodana ka-Oksi indodana kaJosefa ka-Oziyeli ka-Elikhiya ka-Ananiyase kaGidiyoni kaRafayimi ka-Ahithubi ka-Eliya kaHilikhiya ka-Eliyabe kaNathaniyeli kaSalamiyeli kaSarasadayi ka-Israyeli. 2Umyeni wakhe uManase, owayengowesizwe nomndeni wakubo, wayefe ngesikhathi sokuvunwa kwebhali. 3Ngokuba ngesikhathi emi ebheke labo ababebopha izithungo ensimini, wehlulwa ngukushisa, walala embedeni wakhe, wafela emzini wakhe iBhethuliya. Bamngcwaba kanye nokhokho bakhe ensimini eyayiphakathi kweDothani neBhalamoni.
4UJudithi wahlala engumfelokazi iminyaka emithathu kanye nezinyanga ezine, 5emise itende ophahleni lwendlu yakhe. Wabhinca amasaka okhalo lwakhe wembatha nezobufelokazi. 6Wazila ukudla izinsuku zonke zobufelokazi bakhe, ngaphandle kosuku olwendulela iSabatha nangeSabatha uqobo, ngaphambi kokwethwasa kwenyanga, nangalo usuku lokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi nezinsuku zokuthokoza kwendlu yakwa-Israyeli. 7Wayemuhle kakhulu, kumnandi ukumbuka. Umyeni wakhe uManase wayemshiyele igolide nesiliva, isisebenzi zesilisa nezesifazane, imfuyo kanye namasimu, futhi waligcina lelifa lakhe. 8Akukho namunye owakhuluma kabi ngaye, ngokuba wayemesaba uNkulunkulu futhi ezinikele kakhulu. UJudithi uhlangana nomkhandlu womuzi.
9Lapho uJudithi esezwile amazwi anzima akhulunywa ngabantu bakwa-Israyeli ngabaholi babo, ngenxa yokuba base bephela amandla ngokweswela amanzi, futhi esezwile konke u-Uziya ayekushilo kubo, nokuthi wethembisile kubo ngesifungo ukunikela umuzi kuma-Asiriya emva kwezinsuku eziyisihlanu, 10wathumela isisebenzi sakhe, esasengamele yonke impahla yakhe, ukubiza u-Uziya noKharibhisi kanye noKharimisi, izikhulu zomuzi. 11Bafika kuye, wayesethi kubo: “Ngilaleleni, babusi babantu baseBhethuliya! Lokho enikusho kubantu namuhla akulungile, futhi senenze nesifungo phakathi kwenu noNkulunkulu, nethembisa ukuthi niyakunikela umuzi ezitheni zethu uma iNkosi ingaphenduki ukusisiza kulezi zinsuku. 12Ningobani nina ukulinga uNkulunkulu namuhla, nokuba nizibeke endaweni kaNkulunkulu maqondana nezindaba zabantu na? 13Niyayilinga iNkosi uSomandla, kodwa anizukufunda lutho!
14“Aninakukuqonda ukujula kwenhliziyo yomuntu, nokusebenza kwengqondo yakhe; nilindele kanjani ukuthi ningahlola uNkulunkulu, owenza zonke lezi zinto, futhi nazi umqondo wakhe noma niqonde imicabango yakhe na? Hayi, bafowethu, ningayithukuthelisi iNkosi uNkulunkulu wethu. 15Ngokuba uma ekhetha ukungasisizi ngalezi nsuku, unamandla okusivikela ngesikhathi athanda ngaso noma ukusibhubhisa ebusweni bezitha zethu. 16Ningazami ukunqunda izinjongo zeNkosi uNkulunkulu wethu, ngokuba uNkulunkulu kafani nomuntu, akasatshiswa, futhi kaguqulwa ngukunxusa njengomuntu.
17“Ngakho-ke sisalinde ukukhululwa nguye masimcele ukuba asisize, ngokuba uyakusizwa uma kukuhle kuye. 18Ngokuba akukaze kwenzeke esizukulwaneni sethu, noma ezinsukwini zethu, ukuba kube khona isizwe, noma umndeni, noma abantu, noma umuzi phakathi kwemizini yethu okhonza unkulunkulu owenziwe ngezandla njengoba kwakwenzeka ezinsukwini ezadlulayo. 19Kwakungaleso sizathu okhokho bethu banikelwa enkembeni nasekuphangweni, ngaleyo ndlela behlelwa ngenkulu inhlekelele phambi kwezitha zabo. 20Kodwa thina asimazi omunye unkulunkulu ngaphandle kwakhe, ngakho-ke sikholwa ukuthi akanakusilahla thina kanye nesizwe sethu. 21Ngokuba uma sithunjwa, lonke iJudiya kanye nezindawo ezingcwele liyakuthunjwa liphangwe; yena uyakwenza sikhokhe ngegazi lethu, sikhokhela ukungcoliswa kwalo. 22Ukubulawa kwabahlobo bethu kanye nokuthunjwa kwezwe nokuchithwa kwefa lethu, konke lokhu uyakukubeka emakhanda ethu phakathi kwabezizwe, noma kukuphi lapho sithunjelwe khona njengezigqila, futhi siyakuba yinhlamba nehlazo emehlweni abo bonke abasithumbileyo. 23Ngokuba ukuthunjwa kwethu akunakusilethela umusa, kodwa iNkosi uNkulunkulu wethu iyakukuphendula kube yihlazo.
24“Ngakho-ke, bafowethu, masibe yisibonelo kubafowethu, ngokuba impilo yabo isezandleni zethu, kanjalo nezindawo ezingcwele ithempeli ne-althare kwencike kithi. 25Ngaphezu kwakho konke masiyibonge iNkosi uNkulunkulu wethu, osilingayo njengoba enza kokhokho bethu. 26Khumbulani akwenza ku-Abhrahama, nokuthi wamlinga kanjani u-Isaka, nokuthi kwenzekani kuJakobe eSiriya laseMesopotamiya, lapho eluse izimvu zikaLabani, umalume wakhe. 27Ngokuba ukulingwa kwethu akukabi ngomlilo, njengokuba enza kubo, ukuhlola izinhliziyo zabo, futhi kakaphindiseli kithi, kodwa iNkosi iyabashaya labo abasondele kuyo ukuze ibeluleke ibaqondise.”
28U-Uziya wayesethi kuye: “Konke okukhulumile kuvela enhliziyweni eqinisile, akukho noyedwa ongaphika lawa mazwi. 29Namuhla kakulona usuku lokuqala ubonakalisa inhlakanipho, kodwa kusukela ekuqaleni kwempilo yakho, abantu bakubonile ukuqonda kwakho, ngokuba okusenhliziyweni yakho kulungile. 30Nokho abantu bebome ngale ndlela yokuthi basiphoqile ukuba sibenzele lokho esikuthembisile, futhi basiphoqa ukuba senze isifungo esingenakwephulwa. 31Ngakho-ke lokhu uyinkosikazi emesabayo uNkulunkulu, sikhulekele, ukuze iNkosi isithumelele imvula ukugcwalisa imithombo yethu. Ngaleyo ndlela asiseyukuphelelwa ngamandla ngenxa yokoma.”
32UJudithi wayesethi kubo: “Ngilaleleni, ngizokwenza into eyakukhunjulwa yizo zonke izizukulwane zozalo lwethu. 33Manini esangweni lomuzi kulobu busuku ukuze ngikwazi ukuphuma nesisebenzi sami esethembekile, ngaphambi kokuba ziphele izinsuku enethembise ngazo ukunikela umuzi ezitheni zethu, iNkosi iyakumkhulula u-Israyeli ngesandla sami. 34Ningalokothi nifune ukuthi ngenzani, ngokuba angiyukunitshela ngize ngikuqede lokho engizakukwenza.”
35U-Uziya kanye nababusi bathi kuye: “Hamba ngokuthula, iNkosi uNkulunkulu ikuhole, ukusiphindiselela ezitheni zethu.”
36Babuya ethendeni baphindela ezikanekisweni zabo.