Umelusi Olungileyo
1UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi. 2Kepha ongena ngesango, ungumelusi wezimvu. 3 Umlindisango uyamvulela lowo, nezimvu ziyalizwa iphimbo lakhe; ezakhe izimvu uzibiza ngamagama, bese eziholela ngaphandle. 4Uma esezikhiphile zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi iphimbo lakhe. 5Kepha azisoze zamlandela umfokazi, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba azilazi iphimbo labafokazi.”
6UJesu wabalandisa lowo mzekeliso, kodwa abaqondanga ukuthi wayekhuluma ngani kubo.
UJesu UnguMelusi Omuhle
7Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. 8Bonke abafika ngaphambi kwami babengamasela nabaphangi; izimvu azibalalelanga. 9Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni. 10 Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
11 “Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. 12 Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, 13ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu.
14“Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, 15 njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. 16 Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye. 17Ngakho-ke uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthathe futhi. 18Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.”
19 Kwaba khona futhi ukwehlukana phakathi kwabaJuda ngenxa yalawa mazwi. 20Iningi labo lathi: “Unedimoni, uyahlanya. Kungani nje nimlalela na?”
21Abanye bathi: “Lawa mazwi awaphumi kumuntu onedimoni. Kanti idimoni lingawavula yini amehlo empumputhe na?”
AbaJuda Bamkhipha Inyumbazana UJesu
22Kwase kuba khona uMkhosi Wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika. 23UJesu wayehamba ethempelini, emphemeni kaSolomoni. 24Base bemngunga abaJuda, bathi kuye: “Kuyakuze kube nini silokhu sidukuza oswini na? Uma unguKhristu, sitshele ngokusobala.”
25UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami, 26 kodwa nina anikholwa, ngokuba anisizo izimvu zami. 27Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela. 28Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami. 29 UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. 30 Mina noBaba simunye.”
31AbaJuda bacosha amatshe futhi, ukuze bamkhande ngawo. 32UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”
33AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.”
34UJesu wabaphendula, wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wenu ukuthi: ‘Ngithe: nina ningonkulunkulu’ na? 35Uma athi bangonkulunkulu, labo izwi lakhe elafika kubo, nombhalo ungechithwe, 36pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na? 37Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. 38 Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”
39 Ngakho-ke bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka ezandleni zabo.
40Wahamba futhi, waya phesheya kweJordani lapho uJohane aqala khona ukubhabhadisa, wahlala khona. 41Abaningi beza kuye, bathi: “Impela uJohane akenzanga nasinye isibonakaliso, kodwa-ke konke uJohane akukhuluma ngalo muntu kuyiqiniso.”
42Abaningi bakholwa nguye lapho.