Inkulumo Yokuqala Ka-Elifazi Isaqhubeka
Ukubhubha Koyisiwula; Ukuphakanyiswa Kolungileyo
1“Ake umemeze:
ukhona yini okuphendulayo na?
Yimuphi kwabangcwele oyakuphendukela kuye na?
2Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka,
nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.
3Ngisibonile isiwula sisimama
siba nezimpande,
ngase ngiqalekisa indlu yaso
ngokuphazima kweso.
4Abantwana baso abavikelekile impela,
bayagandaywa esangweni,
abanaye umhlengi.
5Isivuno sabo sidliwa ngabalambileyo,
basikhipha ngisho emeveni,
nabanxaniwe balangazelela ingcebo yabo.
6Usizi aluveli othulini,
nenhlupheko ayiphumi emhlabathini.
7Wonke umuntu uzalelwe ukuhlupheka,
njengoba nezinhlansi
ziqhasha zibheke phezulu.
8“Kepha mina bengiyakumfuna uNkulunkulu,
kuNkulunkulu bengiyakuyibeka indaba yami,
9Yena owenza izinto ezinkulu,
ezingaphenyekiyo,
izimangaliso ezingenakubalwa,
10Yena onisa imvula emhlabeni,
athumele amanzi ebusweni bomhlaba,
11ukuze aphakamise abaphansi,
aphakamisele phezulu,
endaweni ephephileyo, abakhalayo.
12Ubhuntshisa amacebo abanobuqili,
ukuze izandla zabo zingabi nampumelelo.
13Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,
achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.
14Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha,
baphuphutheke emini,
kube sengathi kusebusuku.
15Kepha abantulayo
uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo,
nasesandleni sonamandla.
16Ngakho-ke ompofu
unethemba;
ububi buvale umlomo wabo.
17“Uyadela lowo muntu
uNkulunkulu amsolayo,
ngakho-ke ungakwedeleli
ukuqondisa kukaSomandla.
18Ngokuba uyalimaza,
abuye abophe,
uyashaya, kodwa izandla zakhe
zibuye ziphilise.
19Uyokuhlenga ezinhluphekweni
eziyisithupha,
yebo, nakweziyisikhombisa
awuyukuthintwa wububi.
20Endlaleni uyakukuhlenga, ungafi,
akukhulule nasemandleni enkemba empini.
21Uyakukufihla olimini oluhlabayo,
awuyukwesaba ukubhubha lapho kufika.
22Ukubhubha nendlala uyokuhleka usulu,
ungazesabi nezilo zomhlaba.
23Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle,
izilo zasendle zihlalisana ngokuthula nawe.
24Uyokwazi ukuthi ithende lakho liphephile,
lapho uhlola indlu yakho,
uyothola ukuthi awulahlekelwe yilutho.
25Uyokwazi ukuthi
izizukulwane zakho ziyakuba ziningi,
nabozalo lwakho babe njengotshani emhlabeni.
26Uyokufa usumdala impela,
njengesixha samabele esibhulweni,
ngesikhathi sawo.
27Bheka lokhu, sikuphenyisisile,
kunjalo, kulalele,
ukwazi wena luqobo.”