USanibhalathi NoThobiya Baklolodela AbaJuda
1Kwathi ukuba uSanibhalathi ezwe ukuthi sase silwakha kabusha ugange, wathukuthela wagana unwabu, wabhodla umlilo, wabaklolodela abaJuda. 2Wakhuluma nabangani bakhe nempi eSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abantekentekana na? Ngabe bazokwakha kabusha izinto? Bazokwenza imihlatshelo na? Bazoyiqeda ngosuku na? Ngabe bazovuselela amatshe engqumbini yamabibi, bese beshisela phezu kwawo na?”
3UThobiya, umAmoni, wema eduze kwakhe wakloloda, wathi: “Ngisho bengazakha kabusha lezi zingange, uma kukhwela impungushe phezu kwazo ziyomane ziziwele!”
4Ngase ngikhuleka, ngithi: “Nkulunkulu wami, yizwa ukuthi basedelela kanjani, uyibuyisele kubo inhlamba yabo, ubanikele babe njengempango ezweni lokuthunjwa. 5Ungabaxoleli izono zabo, necala labo ungalesuli phambi kwakho, ngokuba bakwedelele phambi kwabakhi.”
6Saqhubeka nokwakha, saphumelela ukulwakha kabusha ugange lwaze lwaphakathi nendawo ubude, ngoba abantu babenomdlandla wokusebenza.
7Lapho uSanibhalathi, uThobiya, ama-Arabhu, ama-Amoni nama-Ashidodi, bezwa ukuthi ugange eJerusalema luyakhuphuka nokuthi izimfa ziyavalwa, bathukuthela kakhulu, 8base bakha uzungu lokuza kanyekanye bazolwa nalo iJerusalema, badale inxushunxushu. 9Sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabeka abaqaphi ukulinda ubusuku nemini.
10UJuda wathi: “Amandla abathwala imithwalo aphelile, maningi amabibi, asisakwazi ukuqhubeka sakhe kabusha ugange.”
11Izitha zethu zathi: “Sizobazuma, sibathelekele bengazelele, sibabulale, ungabe usaqhubeka umsebenzi.”
12AbaJuda ababakhelene nazo, bafika basixwayisa kaninginingi, bethi: “Zizofika zivela ezindaweni zonke ezihlala kuzo zizomelana nathi.”
13Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo. 14Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”
15Izitha zethu zezwa ukuthi sesizwile ngozungu lwazo, nokuthi uNkulunkulu uliphunzisile icebo lazo. Sonke sabuyela ogangeni, kwayilowo nalowo emsebenzini wakhe.
16Kusukela ngalolo lusuku enye ingxenye yezinceku zami yakha, enye yaphatha imikhonto, amahawu, iminsalo nezivikelo zesifuba. Abaholi babeseka abendlu yakwaJuda, 17ababakha kabusha ugange. Ababethwala imithwalo, bathwala imithwalo yabo ngesandla esisodwa ngesinye bephethe izikhali. 18Bonke abakhayo babegaxe izinkemba ezinqulwini zabo, beqhubeka bakha. Indoda eyayihlaba umkhosi ngecilongo, yayiseduze kwami.
19Ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu: “Umsebenzi mkhulu, wendlalekile, thina siqhelelene kakhulu ogangeni. 20Uma nizwa kuhlatshwa umkhosi ngecilongo, anobuthana ngakimi. UNkulunkulu wethu uzosilwela.”
21Saqhubeka kanjalo nokusebenza, enye ingxenye ihlome ngemikhonto ilungele ukulwa, kusukela entathakusa kuze kuqhakaze izinkanyezi.
22Ngaleso sikhathi ngabuye ngayala bonke abantu, ngathi: “Yilowo nalowo nenceku yakhe mabahlale phakathi eJerusalema ukuze basiqaphe ebusuku, basebenze emini.”
23Mina-ke, abafowethu, izinceku zami namadoda ayengabaqaphi ayengilandela, asizange sizikhumule izimpahla zethu; yilowo nalowo wayephethe isikhali ngesandla sakhe.