Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sokuqala (2)
1Uma uhlezi etafuleni
udla nombusi,
qaphelisisa ukuthi yini ephambi kwakho;
2uma uyisiminzi uzithibe,
ubeke ummese emphinjeni wakho.
3Ungazihaheli izilovela ezivela kumbusi,
ngokuba ziwudobo lokukuyenga.
4Ungazikhandli ukuze ucebe;
hlakanipha ngokwanele, ulinde.
5Usathi phayiphayi amehlo, akusekho,
ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi,
kwajubalalela emazulwini.
6Ungadli ukudla koneso elibi,
ungafisi izilovela zakhe,
7ngokuba ungozicabangelayo,
athi kuwe:
“Yidla uphuze,”
kepha inhliziyo yakhe ayikho kuwe.
8Umthamo owudlileyo uyakuwuphalaza,
udlale ngamazwi akho okuncoma.
9Ungasikhuzi isiwula,
ngoba siyakudelela ukuhlakanipha kwamazwi akho.
10Ungasusi isikhonkwane esidala,
ungangeni emasimini ezintandane,
11ngokuba umhlengi wazo unamandla;
uyakuyimela indaba yazo.
12Beka inhliziyo yakho ekuyalweni,
nezindlebe zakho emazwini olwazi.
13Ungayeki ukumyala umntwana,
ngokuba uma umshaya ngoswazi akayukufa.
14Uma umshaya ngoswazi,
uhlenga umphefumulo wakhe
endaweni yabafileyo.
15Ndodana yami,
uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami.
16Izibilini zami ziyakujabula,
lapho izindebe zakho zikhuluma okulungileyo.
17Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni,
kunalokho mesabe njalo uSimakade.
18Impela likhona ikusasa,
nethemba lakho aliyukushatshalaliswa.
19Ndodana yami,
lalela uhlakaniphe,
inhliziyo yakho uyihole ngendlela enhle.
20Ungabi mdibimunye
nezinkolotshe zewayini namakloza,
21ngokuba inkolotshe nesiminzi bagcina bempofu,
ukozela kubenze bagqoke amanikiniki.
22Lalela uyihlo owakuzalayo,
ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
23Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha,
ukuyalwa, nokuqonda,
ungathengisi ngakho.
24Uyise wohlakaniphileyo uyethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.
25Mabathokoze oyihlo nonyoko,
ethabe owakuzalayo.
26Ndodana yami,
ngiphe inhliziyo yakho,
amehlo akho enamele izindlela zami.
27Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo,
nowesifazane ondindayo uligodi eliminyeneyo.
28Ucutha njengomphangi,
andise inani labantu abambuluzayo.
29Ngubani othi:
“Maye!”
Ngubani onosizi na?
Ngubani onengxabano na?
Ngubani okhonondayo na?
Ngubani olimele kungenasisusa na?
Ngubani onamehlo aklwelileyo na?
30Yilabo abahlalela iwayini,
abaphuza noma yiliphi iwayini elixutshiweyo.
31Ungabolibuka iwayini ulibone libomvu,
licwebezela endebeni,
lehla kalula emphinjeni,
32ekugcineni liluma njengenyoka;
lihlaba njengebululu.
33Amehlo akho azobona imihlola,
inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo.
34Uyakuba njengolele ekujuleni kolwandle,
nohlezi esihlokweni sensika yomkhumbi.
35Uyakuthi:
“Bagadlile, angalimala;
bangishayile, ngangaqonda ukuthi kwenzekeni.
Ekuvukeni kwami, ngisayobuye ngilifune.”