KwabaseRoma 13
Ukuthobela Amandla Ombuso
1Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. 2Ngakho-ke omelana nabasemagunyeni, umelana nesimiso sikaNkulunkulu. Abamelana nabo bayakwemukeliswa ukulahlwa. 3Ngokuba ababusi abesabeki kulabo abenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Uyathanda yini ukungamesabi osemagunyeni na? Yenza-ke okuhle, yena uyakukuncoma, 4ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi. 5Ngakho-ke kudingekile ukuwuthobela, hhayi nje ngenxa yolaka, kodwa nangenxa kanembeza.
6Yingakho nithela intela, ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikukhuthalele lokho. 7Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela; inkokhelo kofanele inkokhelo; ukwesaba kofanele ukwesatshwa; udumo kofanele udumo.
Ukuthanda Abazalwane
8Ningabi nacala lanoma yini kunoma ngubani, kodwa elokuthandana, ngokuba othanda omunye, uwugcwalisile umthetho. 9Lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ngabe ukhona omunye umyalo, kodwa kufingqwe kuleli lizwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
10Uthando alukwenzi okubi kumakhelwane, ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
Ukuhamba Ekukhanyeni
11Yenzani lokhu, ngokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni. Ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunangaleso sikhathi esaqala ngaso ukukholwa. 12Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya. 13Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu. 14Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.